KUSOLWA ukuthi uzikhunge ngenxa yokhwantalala oludalwe ukubanjwa inkunzi nokuthunjwa owesilisa waseZimbabwe otholakale elenga emgwaqweni omkhulu eVerulam ngeSonto.
UMnuz Michael Chikura (24) kuthiwa bekusaphele isonto esinde esehlakalweni sokuthunjwa, waphucwa noR600 ngamadoda angaziwa. Isitatimende esithunyelwe yinkampani yabezimo eziphuthumayo, iReaction Unit South Africa (RUSA), siveza ukuthi uChikura obehlala eWaterloo, watholakala elenga esihlahleni emgwaqweni uR102 eduze kwebhuloho eVerulam.
Ngokusho kukamfowabo, uChikura ubeseneminyaka emithathu ehlala kuleli. Uthe ngoNcibijane umufi wathathwa ngamadoda angaziwa amshaya, amfaka ebhuthini yemoto aze ayombeka eNorth Beach. Kuthiwa washaywa amahora ayisihlanu, abahlaseli bamshiya becabanga ukuthi useshonile. Kuvela ukuthi waphucwa iPassport nemali.
“Watholwa amaphoyisa wayiswa esibhedlela kwavulwa necala lokuthunjwa nokuzama ukubulala. Kusukela kwenzeke lesi sehlakalo akazange aphinde abe sesimeni esikahle ngoba ubesaba ukuthi abahlaseli bangabuya bazomqedela. Kungenzeka ukuthi yikona lokhu okudale ukuthi azilengise,” kusho isitatimende.
Umndeni ucela noma ubani onolwazi ngokuthunjwa kukamufi ukuthi axhumane namaphoyisa noma iRUSA ku-086 1234 333. Imizamo yokuthola umndeni wakhe yephunzile njengoba kuthiwe usuyolungiselela umngcwabo eZimbabwe.
Isidumbu siChikura sabonwa amalungu omphakathi ayedlula emgwaqweni ngezithuba zabo-6 ekuseni. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Thembeka Mbele uthe kuvulwe idokodo lokufa komuntu eliphenywa amaphoyisa aseVerulam. Uthe amaphoyisa ayaphenya.