INGOZI eyenzeke eKorsten, eGgeberha, iholele ekutheni umshayeli wetekisi ashaye umshayeli we-Audi, kwaze kwabheduka udlame oluphethe ngokuthi kushiswe i-Audi, amatekisi ayisishiyagalombili nenye imoto.
Amaphoyisa asiqaphe ngeso lokhozi isimo kuDurban Road, eGqeberha kusukela kuthangi. Kuvela ukuthi akugcinanga ngokuthi kushiswe izimoto kodwa kuye kwaqhuma nezibhamu, kwashiswa izitolo nabantu babaleka edolobheni.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu, uthe kuthiwa umshayeli wetekisi ubhaxabule umshayeli we-Audi, ongowokudabuka eSomalia.
“Umshayeli we-Audi ungene emotweni yakhe waqhubeka nohambo kodwa imoto iye yacima. Ube esehlaselwa iqulu labashayeli bamatekisi lashisa imoto yakhe,” kuchaza uColonel Naidu.
Kuthiwa abomdabu baseSomalia, baziphindiselele ngokushisa amatekisi ayisishiyagalombili akade epake erenki yamatekisi eKorsten, amabili amoshiwe kwashiswa nemoto encane ebipakile.
UNaidu uthe akekho olimale kanzima futhi akekho obeseboshiwe kodwa amaphoyisa avule icala lokudala udlame emphakathini.
“Amaphoyisa asiqaphe ngeso lokhozi isimo emuva kwezigameko,” kusho uNaidu.
Ozibonele ngamehlo ingozi yetekisi ne-Audi, utshele iHerald Live ukuthi kube nokuhixizisana phakathi kwabashayeli kwaze kwadutshulwana.
“Abantu baye bashisa izitolo zabaseSomalia ezikuDurban Road, bona baziphindiselele ngokuthi bashise amatekisi,” kusho umuntu ongathandanga ukudalulwa.
Owokufika obesendaweni yesigameko emuva kokucishwa komlilo utshele iNetwerk24, ukuthi osomabhizinisi abasebenzela kuleya ndawo bavamise ukungaboni ngaso linye nosomatekisi abangathandi ukuthi basebenzele khona.