ISEMANZINI iNdlunkulu kaZulu emuva kokushona kodadewabo ababili beSilo, okunguMntwana uBusi noNobuhle.
UMntwana uBusi ubevamise ukuhamba noNdlunkulu beSilo uma kunoMkhosi woMhlanga abalekelele ukunakekela izintombi.
UMntwana uNobuhle yena ubesebenza esibhedlela i-Addington, eThekwini.
UMntwana uMbonisi Zulu, okhulumela iNdlunkulu, uthe uMntwana uNobuhle uthathwe wumkhuhlane iCovid-19 kanti bebengakasho odokotela ukuthi uMntwana uBusi uthathwe yini kodwa ubengumuntu ohlushwa yizinso nomfutho ophezulu wegazi.
“Siyayikhalela iNdlunkulu ngokushiywa wodadewabo. Ingonyama ayikwazanga nokugubha usuku lwayo lokuzalwa ngenxa yokushiywa wodadewabo,” kusho uZulu.
Uthe abantwana bazofihlwa kusasa, eMahhashini.
Sebebathathu odadewabo beSilo abashonile selokhu kuqubuke iCovid-19 kwazise kwashona obeyiNdlovukazi yamaRharhabe iNdlovukazi Noloyiso Sandile njengoba sekulandela uMntwana uNobuhle noMntwana uBusi.
UNkk Nomagugu Ngobese, oyisazi samasiko nomsunguli weNomkhubulwane Culture and Youth Development Organisation, uthe zibuhlungu kakhulu izindaba zokudlula kwabantwana baseNdlunkulu.
“Hhawu zaze zabuhlungu lezi zindaba ezehlele iNdlunkulu kaZulu! Ngizomkhumbula kakhulu uMntwana uBusi ngoba ubenathi ekugcineni isiko lokuhlolwa kwezintombi. Ubehlale ehamba noNdlunkulu uMaNdlovu benakekela izintombi. Ubenomoya ophansi, ethanda ukuhleka futhi engaziphakamisi,” kusho uNkk Ngobese.
Uthe noma benemicimbi kaNomkhubulwane ubeye ameme uNdlunkulu uMaNdlovu noMntwana uBusi beze bazoyala kahle izintombi.
“Siyakhala singomama abahlola izintombi. Silahlekelwe kakhulu. Awu kodwa ngeSilo odadewabo. Ewu siyakhala,” kusho uNkk Ngobese.