UNCONYWE ngeqhaza lakhe ekuthuthukiseni uMasipala waseRichmond uMnuz Sibusiso Joseph Mchunu obeyimeya kulo masipala, oshonele esibhedlela izolo ngemva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi ngo-2018.
UMchunu (64) isifo samhlasela esehhovisi lakhe ngoJanuwari 2018 kusukela lapho ubelokhu ephuma engena esibhedlela kanti izolo kugcine kumnqobile ukufa. Ushonele esibhedlela iRoyal eMgungundlovu. Ubeyimeya kulo masipala kusukela ngo-2016.
UMnuz Manqoba Mchunu oyindodana kamufi uthe uyise obeyilungu le-ANC unikele ngempilo yakhe esebenzela umphakathi ezinikele nasemigomeni yenhlangano.
“ Sithanda ukubonga abebemfisela ukululama egula. Ngosuku lokufihlwa kwakhe sizolandela imigomo okuhloswe ngayo ukugwema ukubhebhetheka kweCorona,” kusho uMchunu.
Uthe imininingwane ngokufihlwa kwakhe izokhishwa uma umndeni usunqumile.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka uthe ubezinikele emsebenzini wokuhlinzekwa kwabantu ngezidingo.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Nhlakanipho Ntombela uthe uMchunu uzokhumbuleka ngeqhaza lakhe ekuthuthukiseni umasipala nasekwakhiweni kombutho esifundeni iMoses Mabhida.