KUWE enye yezinsika zomculo owawudume ngeminyaka yo1990 i-disco music, uPatricia Majalisa. Ukushona kwalo mculi kuqinisekiswe ngobeyimenenja yakhe u-Oska Tee.
"Ngingakuqinisekisa ukuthi uPatricia Majalisa akasekho emhlabeni. Ngiya esibhedlela ukuyobonana nodokotela ozongitshela ukuthi kwenzekeni. Khona kuliqiniso ukuthi akasekho," kusho uTee ongachazanga ngembangela yokushona kukaPatricia.
UPatricia ushonele esibhedlela saseNingizimu Afrika izolo ntambama.
Omunye umthombo uveze ukuthi uPatricia ubevele engaphathekile kahle selokhu kwadlula emhlabeni owayenguphrojusa wakhe uDan Tshanda ezinyangeni ezedlule.
UPatricia wayedume kakhulu noSplash, Dalom Kids naMatshikos. Ingoma ayedume ngayo ngeyayithi Cowards, Witchdoctor, Akulalwa neyayithi Umona. UPatricia wazalelwa e-East London, e-Eastern Cape kodwa wabaleka kubo ngo1978 ngenxa yokuthi wayenephupho lokuba womculi we-Afro pop.
Emuva kweminyaka eyishumi efikile eGoli wahlangana noDan ukuba aphelezele iqembu lakhe iSplash.
UPatricia wabe eseqopha icwecwe lakhe lokuqala elalithi Cool Down neladayisa igolide kwathi elesibili iWitch Doctor ladayisa i-platinum. Wabe eselandelisa ngeyayithi Poverty neyayithi Zhengezhe.
UDan Tshanda (54) owayehola iSplash yena washona ngoJanuwari 5, 2019 ngenxa yokuhlaselwa isifo senhliziyo.