UNGQONGQOSHE wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula ukhathazekile ngezingozi zomgwaqo kuleli emuva kokuba kushone abantu abayisishiyagalolunye engozini yetekisi neloli ngoLwesithathu ekuseni e-Sasolburg eFree State.
Ngokusho kwabezimo eziphuthumayo baka-ER24 le ngozi yenzeke ku-R82 emgwaqweni u- Koppies, e-Sasolburg.
Itekisi ehamba amabanga amade okungakaziwa ukuthi ibiya kuphi kuthiwa ishayisane neloli.
Okhulumela i-ER24 uMnuz Russel Meiring, uthe bafike endaweni yesigameko, itekisi neloli kuseceleni komgwaqo selidume ladlule njengoba bese beshonile abagibeli betekisi.
“Sithe uma sihlola isimo sathola abanye bevalelekile etekisini. Sithole ukuthi bayisikhombisa abese bevele beshonile. Kugcine kushone abayisishiyagalolunye kule ngozi. Kukhona nabanye abebelimele kakhulu. Babe sebelashwa baphuthunyiswa ezibhedlela. Kuyaphenywa ngembangela yengozi,”kusho uMeiring.
UNkk Ayanda Allie Paine, okhulumela uMnyango wezokuThutha, ethintwa Isolezwe, uthe yize besazofuna imininingwane egcwele ngale ngozi kodwa uMbalula ukhathazekile ngezingozi emigwaqweni yakuleli. UMbalula uzwakaliswe amazwi okududuza imindeni wathi kuzophenywa ngalengozi.