BAVUKE umbhejazane bashisa umuzi wemenenja yenkampani yebhanoyi eliphahlazekile eTsakane, eMnambithi, abantu abebefuna imali yabo abebeyitshale kuyo.
Kushone elayizolo isegudwini eyokushiswa komuzi okukholakala ukuthi ngowakubo kaMnuz Siphelele “Sgumza” Mbatha oyimenenja yeBitcoin Wallet yodumo. Phakathi kwezinto ezishile kubalwa impahla yomuzi nemoto iBMW1 ewolintshi okuthiwa akusiyo eyakhe.
Ezinkundleni zokuxhumana kusabalele ama-video akhombisa izinkumbi zabantu zizitapela impahla kulo muzi.
Abapotshozele Isolezwe bathe ukuphahlazeka kwebhanoyi kunyuse ushukela kubantu abaningi maqede bavuka umbhejazane bayoshisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukushiswa komuzi izolo wathi kwenziwe abantu abangaziwa. Amaphoyisa azovula icala ukuze aphenye.
NgoLwesibili ebusuku bekuphithizela edolobheni abantu beyifuna la imali yabo emuva kokusabalala kwamahlebezi okuthi uSgumza uboshiwe.
Ngokusho kwabazibonele, ngoLwesibili ebusuku edolobheni uMnambithi ubungafunga ukuthi kuqoshwa ifilimu ngenxa yezinkumbi zabantu abebeveva yintukuthelo befuna imali yabo.
UCol Mbele ukuqinisekisile ukuthi esiteshini samaphoyisa bekunezinkumbi zabantu ebezifuna abasebenzi beBitcoin Wallet.
“Bekunesixuku sabalinganiselwa ku-1 500 abebefuna ngenkani abasebenzi benkampani abasinde ngokulambisa ngesikhathi abantu befuna ukuzibambela mathupha kubo. Akekho olimalile futhi akuboshwe muntu,” kusho uColonel Mbele.
Okushiwo wuColonel Mbele kuhambisana ne-video esabalele okukholakala ukuthi iqoshwe izolo ebusuku uSgumza ekuqinisekisa ukuthi akaboshiwe.
NgoLwesibili uSgumza uphawule emsakazweni womphakathi iNqubeko FM eqinisa idolo abantu abatshale imali wathi bazoyithola imali yabo.
Yize labo abatshale imali bebelindele ukuthi bayithole iphindwe kabili kodwa uthe lokho ngeke kwenzeke.
“Imali ikhona kodwa bonke abayifakile ngeke besathola abebekulindele. Sebezothola imali yabo abebeyitshalile kuphela,” kusho uSgumza.
Mayelana nokuwa kwebhanoyi uthe aliwile kodwa lihlale phansi ladiliza konke obekuphakathi.
Ibhizinisi lakhe libe sematheni ngokujoyinwa yizindimbane zabantu abebevela ezindaweni ezehlukene. Abantu bebehehwa wukuthi osuke etshale imali ubeyithola isiphindwe kabili ngemuva kwezinsuku eziwu-15.
Kwi-website yeBitcoin Wallet bazishaya isifuba ngokuba yibhizinisi elinemali elinganiselwa kuR600 million. Liveza ukuthi ngosuku likhokha uR5 million kubantu abasuke betshale imali.