UNGQONGQISWE wasala uwumlotha umuzi wabasolwa ngokubulala amalungu amathathu omndeni nomngani obezotadisha, okwenzeke ngezintatha zangoMsombuko, oDushwini,
KwaNongoma. Kushiswe umuzi kwabulawa nemfuyo. Abasolwa ababili abaneminyaka ephakathi kuka-28 no- 38, ngabomndeni ongumakhelwane nomuzi wakwaShiba okubulawe khona amalungu omndeni ngokudutshulwa, ashiswa nendlu ngoMsombuluko. Abasolwa bebengaphandle ngebheyili ecaleni lokubulawa kukaMnuz
Bhekuyise “Gumbagumba” Shiba ongubaba wekhaya, okuthiwa wadutshulwa ngo-2017 kubuka izingane zakhe, kubangwa ukuthi inja yakhe yayiphinge neyakubo kwabasolwa
Bevele enkantolo ngalelo cala ngoLwesibili, inkantolo inqume ukubabuyisela esitokisini ngoba kusolwa ukuthi bayathinteka emacaleni okubulawa kwamalungu omndeni okusolakala ukuthi abengofakazi ecaleni lokubulawa kukayise.
Kuzwakala ukuthi bayamaniswa nalawa macala, kusolakala ukuthi ngezintatha zayizolo amalungu omphakathi aqonde emzini okuhlala kuwo abasolwa, awungqongqisa ngomlilo aphinde abulala nemfuyo.
UMnuz Sipho Nkosi oyinduna yendawo ekhuluma neSolezwe, uthe ubize umhlangano nomphakathi kule ndawo obukhona izolo, ukuzama ukubhula umlilo nokwehlisa ulaka emphakathini.
“Le mizi engomakhelwane ishe yangqongqa. Lesi yisigameko esibi kakhulu njengoba kufe amalungu amaningi kangaka omndeni wakwaShiba. Emhlanganweni, besigxile kubafana, sibayala ukuthi ukuchitha igazi yisenzo esingemukelekile,” kusho uNkosi.
Ugxeke inkantolo ngokushaya indiva incwadi ayifaka ngesikhathi abasolwa befuna ibheyili, eyayiveza ukuthi bayingozi kangakanani emphakathini.
“Kungabe akufikanga lapha ukube izinkantolo azisibukeli phansi njengabaholi bomphakathi. Kwakungamele inkantolo ivumele ukukhululwa kwabasolwa ngokwenza isihluku kangaka endaweni, kubulawa umnumzane wekhaya kubuka izingane zakhe, baphinde bakhishwe ngebheyili bezohlala kuwo lo mphakathi,” usho kanje.
USiphiwe Shiba (17), umngani wakhe uSandile Mthombo (20), uNksz Sinokwethemba Shiba (22) nengane yakhe uLuvuyo
Nkosi (2), badutshulwe bashiswa nendlu besekhaya, kwathi uNkk Shiba wangeniswa esibhedlela esesimeni esibi. Umndeni usole umakhelwane nomshana wakhe ekutheni bebezama ukucisha ubufakazi becala lokubulawa kukaShiba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa. “Baboshwe ngoLwesibili, babhekene namacala okubulala, okuzama ukubulala nelokucekela phansi impahla. Amalungu omphakathi ashise umuzi wakubo kwabasolwa, abulala inkomo nenkonyane. Kuvulwe icala lokucekelwa phansi kwempahla,” kusho uCol Mbele.