UHULUMENI waKwaZulu-Natal usebenzise imali engaphezulu kukaR3 billion ukuthenga izinsiza zokulwa nokusabalala kweCorona.
Lemali isetshenziswe iminyango yesifundazwe, izinkampani zikahulumeni nomasipala ukuthenga izinsiza zokunqada ukubhebhetheka kwalolu bhubhane olwaqubuka ngoMashi kuleli.
Ngokombiko othulelwe ikomiti elibhekele ukusetshenziswa kwezimali zomphakathi, iStanding Committee on Public Acoounts, esiShayamthetho saKwaZulu-Natal izolo, uhulumeni ususebenzise uR3.1 billion ukulwa nalolu bhubhane.
Lo mbiko owethulwe yisekela lomqondisi jikelele emnyangweni wezeZimali KwaZulu-Natal, uMnuz Santanu Moodley, uveza ukuthi iminyango ehlukene kahulumeni wesifundazwe isebenzise uR2.3 billion phakathi kukaMashi noNovemba.
Iminyango esebenzise imali eningi kakhulu kubalwa uMnyango wezeMpilo, owezeMfundo nowezokuThuthukiswa koMphakathi.
UMnyango wezeMpilo usebenzise uR1.5 billion, owezeMfundo usebenzise R636 million owezokuThuthukiswa koMphakathi wasebenzisa uR59 million.
Umbiko uveza ukuthi omasipala bakulesifundazwe basebenzise uR870 million ngesikhathi esifanayo.
Umasipala osebenzise imali enkulu uMasipala waseThekwini osebenzise uR468 million, kulandele umasipala wesifunda iKing Cetshwayo osebenzise uR109 million, kanti umasipala wesifunda uMkhanyakude usebenzise uR54 million.
Izinkampani zikahulumeni zisebenzise uR9 million.
UMoodley uveze ukuthi izinhlaka ezehlukene eziphenya amacala enkohlakalo, nokubalwa iSpecial Investigative Unit (SIU), ziyaphenya ngokusetshenziswa kwalezi zigidi zamaRandi.
Uveze ukuthi umbiko weSIU uzokwethulelwa leli komiti uma usuphothuliwe.