KUSAMILE ukufunda ekolishi eliqeqesha ngamakhono eGroutville emuva kokuba sekuphele izinsuku izitshudeni zilala emakilasini ngoba zingakhokhelwe imali yokuqasha izindawo zokuhlala. Izitshudeni zize zakhishwa ngamaphoyisa ekolishi ngoLwesihlanu.
Izitshudeni zaseMfolozi TVET College zicasulwe wukuthi sezibekezele isikhathi eside zingayitholi imali yokukhokhela izindawo zokuhlala ekhishwa yisikhwama iNational Students Financial Aid Scheme (Nsfas). Isolezwe lithole ukuthi ngoMsombuluko odlule bafike emakilasini nezimpahla nezingubo zokulala ngoba abanye sebexoshiwe emiqashweni abebehlala kuyo ngenxa yokungakhokhi. Ukulala kwabo emakilasini kuphazamise nokufunda njengoba kuthiwa othisha bagcine bengasafiki yavalwa ikolishi.
Okhulumela isigungu sezitshudeni, uMbali Nxumalo, uthe bagcina ukufunda ngoMsombuluko odlule.
“Izitshudeni bezilokhu zibekezele kodwa inkinga iqale sezixoshwa ezindaweni zokuhlala ebeziqashe kuzona. Inselelo enkulu wukuthi zihlala ezindaweni ezikude futhi zizidinga ngempela izindawo zokuhlala. Kumanje ezinye zimpintshiswe abanezindawo zokuhlala, ezinye zaphindela emakhaya,” kusho yena.
Uthe izitshudeni azihlangene nokuphazamiseka kokufunda ngoba ukulala kwazo bekungaphazamisi. Uveze ukuthi bamangele uma othisha nabahlanza amakilasi bengasafiki. Bagcina ukulala ngoLwesihlanu emuva kokukhishwa ngamaphoyisa. Kuthiwa le nkinga isiphazamise nezitshudeni ezifunda ngasese njengoba othisha bengasafundisi. Zilinganiselwa ku-80 izitshudeni okuthiwa zithintekile kulolu daba.
UMnuz Sam Zungu, ophethe wonke amakhempasi eMfolozi, uthe kuzocaca ngoLwesithathu ukuthi sizovulwa nini isikhungo. Uphikile ukuthi izitshudeni ziqale ukulala emakilasini ngoMsombuluko wathi ziqale ngoLwesithathu.
“Okumele sikucacise wukuthi asikwazi ukulawula uhlelo lokukhipha imali yezitshudeni kwaNsfas. Izitshudeni zizifakela izicelo ngqo kwaNsfas thina sithole uhla lwabazoxhaswa emuva kwesikhathi. Inkinga iqale ngokuthi kufike uhla lwamagama abazoxhaswa uNsfas ngesikhathi izitshudeni zisemaholidini ePhasika ngo-Ephreli 4. Bekumele ziqale ukufunda ngoMsombuluko odlule, ngenxa yokuhluleka ukubekezela zacasuka. Besisalindele ukuhlaziya uhla bese siluphindisela kwaNsfas ukuqinisekisa abazoxhaswa,” kusho uZungu.
Ekhuluma nephephandaba uMnuz Kagisho Mamabolo okhulumela abakwaNsfas uthe ziyaqhubeka izinhlelo zokuqinisekisa izitshudeni ezizoxhaswa bacela zibekezele.