KUSUKE isixakaxaka kwaqhuma nequpha ePhalamende ngoLwesibili ngesikhathi ilungu le-EFF uMnuz Nazier Paulsen lixhakathisa labamba ngamawashingi uMnuz Andries Tlouamma, iPhini likaMengameli le-Agang SA.
Kudingeke ukuthi uSihlalo uNkk Thoko Didiza amise imizuzu emihlanu iPhalamende njengoba umengameli Cyril Ramaphosa ebephendula imibuzo.
Ngaphambi kwalokhu kuqale kwasuka isixakaxaka kwakhombana ngeminwe i-EFF ikhomba amalungu e-DA ngesikhathi kusukuma uMnuz John Steenhuisen, we-DA efuna ukukhuluma. UMnuz Mbuyiseni Ndlozi, we-EFF usukumile wabuza ukuthi ufuna ukukhuluma ngaphansi kwamuphi umgomo.
Kube sekusukuma amalungu e-EFF athi ngeke akhulume kwabe sekusuka ukukhombana.
UNkk Didiza uthe uzokhuluma nosotswebhu bamaqembu womabili ngalolu daba ngoba kucishe kwaze kwabanjwana ngezandla kulesi siwombe.
Uthe namhlanje uzokhipha isinqumo ngesikhalazo sokuthi umholi we-EFF uMnuz Julius Malema uthuke uSteenhuisen.
"Akekho umuntu ozoshiywa ngaphandle kulabo abangalandelanga imigomo ebekiwe ePhalamende. Ukungalandelwa kwemigomo kwenze kwaba nesixakaxaka ePhalamende," kusho uNksz Didiza.
UMalema uthe naye uke wabizwa ngomuntu ontshontshe imali yasebhange iVBS Mutual wathi ngeke ayekele abelungu bagcogcome ekhanda lakhe.
Ususe ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana uNgqongqoshe wezaseKhaya uMnuz Malusi Gigaba ngesikhathi eveza ucikicane ngesikhathi uNdlozi ethi kumele uRamaphosa athengele ongqongqoshe obhopopo bamafoni abangenawo amakhamera.
UGigaba uphakamise ucikicane kwaze kwasukuma noMnuz Godrich Gardee efuna uSomlomo uNksz Baleka Mbete, angenelele.
Uqhubekile uGigaba kwaze kwangenelele noNksz Lindiwe Zulu, waveza ucikicane.