S’MANGELE ZUMA
U YALULAMA esibhedlela uNkk Zanele Mbuyisa (38) odutshulwe ngumyeni wakhe izikhathi ezilinganiselwa ku-15 ngaphambi kokuthi azibulale emzini wabo oseSherwood ngoLwesine ebusuku.
Lokhu sekubuyise ithemba emndenini wakhe obubambe umoya usaba ukuthi angahle agcine eshonile njengoba bethi odokotela babatshela ukuthi kunzima ukukhipha izinhlamvu ezibhajwe esiswini.
Banethemba lokuthi uzogcina ephumile esibhedlela ukuze aqedele izifundo zakhe zobuhlengikazi.
Omakhelwane nabo bajabule ngokuthola umbiko wokuthi uyalulama njengoba abanye babo bebephatheke kabi bethi usengaze afe ashiye umuzi wakhe kanokusho.
Umyeni wakhe, uMnuz Cedrick Mbuyisa (53), watholwa ngamaphoyisa edindilize phezu kombhede ekamelweni labo isibhamu siseduze kwakhe.
Kusolwa ukuthi waqeda ukudubula umkakhe ayezitshela ukuthi umshiye eshonile maqede wazidubula ekhanda. Umndeni uthe usadidekile ukuthi wayecasulwe yini uMbuyisa aze athathe lesi sinqumo.
Umfowabo kaNkk Mbuyisa, uMnuz Msawenkosi Mkhize (28), uthe bajabulile ngesikhathi bethola udadewabo esephapheme esibhedlela izolo.
“Yize engakakwazi ukukhuluma kahle kodwa onesi basitshele ukuthi uyalulama. Mhlawumbe nguye ozosicacisela ngokwenzeka ngoba sisadidekile. Nabasemzini wakhe bafikile kodwa nabo abanalwazi ngokwenzekile, basashaqekile. Besibazi bengamathe nolimi. Usisi ubehlezi ekwakhe futhi asimazeli lutho,” kusho uMkhize.
Omunye womakhelwane uthe kubajabulisile ukuzwa ukuthi uNkk Mbuyisa uyalulama esibhedlela.
Indodana kaMbuyisa, uMnuz Mdu Mbuyisa (33), ithe yize bengazi ukuthi uyise uzibulaleleni kepha bafisa umkakhe asebemthatha njengonina asheshe alulame.
“Asifisi nokwazi ukuthi babebangeni ngoba lokho kungasiphatha kabi. Sifisa umama aphume esibhedlela ukuze ezohlala nathi asigade. Ubaba ushiye izingane eziyisikhombisa ezinye ezisencane,” kusho uMbuyisa.