KUHLEHLE ukudedelwa kwamafilimu obekulindeleke ukuthi akhishwe kulo nyaka, ngenxa yokubheduka kweCoronavirus.
Ifilimu ebilindelwe ngabomvu kaJames Bond iNo Time To Die ngeke isakhonjiswa ngo-Ephreli kodwa isizokhonjiswa ngoNovemba nonyaka.
UNkk Penny Prinsloo, we-UIP South Africa, okuyinkampani ebhekele ukusatshalaliswa kwamafilimu eNingizimu Afrika, uthe okwamanje akazi noma kuzomiswa yini ukukhonjiswa kwamafilimu ema-cinema kodwa angakuqinisekisa ukuthi kuhlehliswe ukudedelwa kwamafilimu ngenxa yeCoronavirus.
Uthe neFast and Furious ebizodedelwa ngoMeyi ngeke isakhonjiswa kulo nyaka kodwa izoze idedelwe ngozayo.
AbakwaWalt Disney Africa bathe nabo bakumisile ukukhonjiswa kwamafilimu abo, okubalwa iMulan, The New Mutants ne-Antlers.
Bathe lokhu bakwenza ngoba befuna abantu bakuthokozele ukubuka amafilimu e-cinema ngakho awabo azokhonjiswa ngezinye izinyanga ezizomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.
Izinkampani ezikhombisa amafilimu e-cinema okuyiSter Kinekor neNuMetro ziyaqhubeka nokuwakhombisa, kwazise zisagqugquzela abantu ukuthi bathenge amathikithi emakhasini azo eTwitter.
Lezi zinkampani zithe zizoqikelela ukuthi abantu balandela imigomo yenhlanzeko, zabacela ukuthi bashiye isikhala uma behleli.
Lokhu bathe kuzoqashwa ngabasebenzi babo ukuqinisekisa ukuthi kuyenzeka.