KUGCINE kumenele uNdlunkulu kaMntwana wakwaPhindangene, abesebeshade naye iminyaka engaphezulu kwengu-67.
Lokhu kuvezwe umabhalane kaMntwana wakwaPhindangene, uNksz Lyndith Waller ngoMsombuluko emini esitatimendeni.
Uthe uNdlunkulu Irene Thandekile Audrey maMzila Buthelezi udlule emhlabeni ngoMsombuluko ekuseni ekwakhe, kwaPhindangene.
"Umndeni ukhungathekile ngesimo esiwehlele, ushiye emhlabeni umyeni wakhe okunguMntwana wakwaPhindangene abantwana, okunguMntwana uNtuthukoyesizwe Zuzifa, uMntwana uPhumzile, uMntwana u-Angela nabanye abaningi nabazukulu. Siyacela ukuba umndeni unikezwe isikhathi sokuzila," kusho uNksz Waller.
Uthe uNdlunkulu udlule emhlabeni ngemuva kokugula isikhathi eside.
Uqhube wathi amalungiselelo omngcwabo umndeni uzowamemezela umusuqedile ngezinhlelo zawo.
UNdlunkulu umaMzila bese kunesikhathi eside exinwa ukugula obekuhambisana nesifo sikashukela.
Ungowokuzalwa eGoli kanti bahlangana noMntwana wakwaPhindangene ngesikhathi uMntwana ayejwayele ukuphelezela umalume wakhe uPrince Mshiyeni kaBhekuzulu ababefike balale naye kwaMzila.
Ngonyaka odlule uhlale izinyanga ezintathu esibhedlela iGarden Clinic, eMpangeni esesimeni esibi.
Ubedumile ezinhlakeni zabesifazane be-IFP nokuthe ngokuhamba kweminyaka, wangabe esabonakala kakhulu emphakathini ngenxa yesimo sempilo.
Ngesikhathi owayenguMengameli wezwe, ongasekho uDkt Nelson Mandela eboshiwe, uMaMzila nguye owayesiza ekushushumbisenu izincwadi zakhe uMandela, ayezibhalela uMntwana wakwaPhindangene eseRobben Island .
Ubuhlobo bakhe nomndeni wakwaMandela busuka kude njengoba uyise, uMnuz Zachariah Mzila ayengumngani omkhulu kaMandela kanti waze wamsiza ngokuhlela amafa ngesikhathi uyise ayesedlulile emhlabeni.
Ushade noMntwana wakwaPhindangene esengumhlengikazi, okuwumsebenzi ayewufundele.
Ngaphandle kwalokho, uMaMzila uvela kaningi kwenye yezincwadi zikaNkk Winne Madikizela Mandela ngobungani ababenabo neqhaza abanalo ukugcina ubuhlobo babo buqinile yize uMandela ayeseboshiwe.
Ngo-2016 uNdlunkulu umaMzila wacashunwa kwelinye lamaphephandaba elinguzakwabo weSolezwe echaza uthando lwakhe noMntwana .
Wathi yize engowaseGoli kodwa ngendlebe achazeka ngayo ngesikhathi uMntwana emeshela, wavele wazitshela ukuthi uncamela ukuyidela impilo yakubo eGoli, ngoba uzimisele ukuba uNkosikazi weNkosi yakwaButhelezi.
Wathi wayazi ukuthi konke lokho kwakusho ukuthi usezoyohlaa emakhaya aseMahlabathini.
Sebengcwabe izingane zabo ezinhlanu ezidlule emhlabeni ngokugula kanye nengozi yemoto.