UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNkk Bongiwe Sithole-Moloi usedonse ngendlebe ubuholi bukaMasipala waseNewcastle ukuthi bulungise ngokukhulu ukushesha inkinga yokuhanjiswa kwamanzi emphakathini.
Lokhu kuza emva kwesigameko sokudutshulwa kulinyazwe abantu ababili embhikishweni wamanzi eCharlestown ngoLwesibili.
UNkk Sithole-Moloi uthe umasipala kufanele ukwenze lokhu ngokuphazima kweso ukugwema ukuthi umphakathi ugcine usuzithola ungaphansi kwengcindezi yokwenza okuphambene nomthetho.
Kulandela lesi sigameko, uNkk Sithole-Moloi ubuye wanxusa amaphoyisa ukuthi enze konke okusemandleni ukuphenyisisa ngeziwombe eziholele ekutheni kusuke uthuthuva okugcine sekukhishelwana kulo izibhamu.
“Kubalulekile ukuthi kutholakale izizathu eziholele ekutheni kugcine kuqhunyiswa izibhamu kwalimala abantu bese kuthi abathintekayo baphenyisiswe bese bethathelwa izinyathelo ezifanele,” kusho uNkk Sithole-Moloi.
Imibiko iveza ukuthi bekunombhikisho wamanzi lapho amalungu omphakathi abefuna khona izimpendulo kwiMeya kamasipala, uMnuz Xolani Dube ngodaba lokulethwa kwamanzi kodwa wagcina usunodlame.
UNkk Sithole-Moloi uthe kuyakhathaza ukuthi kugcine sekwenzeka izigameko ezinje emphakathini.
Ubuye wathi emphakathini nakuba kungesilo iphutha ukuzwakalisa izikhalo zawo, uphinde uzwakalise nelaka lawo kodwa kufanele ukwenze lokho ngendlela enokuthula.
“Siyaqonda ukuthi udaba kufanele lusukunyelwe phezulu futhi siyakuqonda ukukhathazeka komphakathi kodwa siyawunxusa umphakathi ukuthi ungazibandakanyi ezenzweni zodlame,” kusho uNkk Sithole-Moloi.
Uthembise ukuthi bewumnyango bazolubukela eduze lolu daba wathembisa ukuthi umasipala bazowunika konke ukwesekwa okudingayo ukuqinisekisa ukuthi ukuhanjiswa kwamanzi emphakathini kuyenzeka ngokushesha.
Esitatimendeni esikhishwe ithimba lezokuxhumana kuMasipala waseNewcastle lithe uDube useyalele abaqaphi bakhe ukuthi basebenzisane nezinhlaka zobulungiswa eziphenya ngalolu daba ukuze kuphuthunyiswe ukuphothulwa kophenyo.
“IMeya izimisele ngokuthi batholakale abayisizathu sokwenzeka kwesigameko futhi uzoqinisekisa ukuthi bayabhekana nengalo yomthetho,” kusho isitatimende.
Ithimba lithembise ukuthi umasipala uzowazisa umphakathi ngemiphumela yophenyo.
Liveze nokuthi neMeya ilimalile ngesikhathi kunothuthuva.