IGWETSHWE udilikajele ngecala ngalinye, indoda elahlwe amacala amabili elokudlwengula nelokubalala owesifazane waseCato Manor ngo-2019.
UYaseen Khan (46) ugwetshwe yiNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo ngokubulala uZamacenge Mngoma (34), isidumbu sakhe esatholwa silahlwe eceleni kwalapho kwakuhlala khona uKhan ngo-Ephreli nyakenye.
Ethula isigwebo umehluleli, uMnuz Meerchand Maharaj uthe umbulali akazange akhombise ukuzisola emndenini kamufi awuzwisa ubuhlungu ngokuwuphuca ilungu lawo.
“Kuyimpoqo ukuthi izinkantolo zibavikele abantu besifazane kubantu abafana nawe ngokuthi zithumele umyalezo oshubile kwabenza amacala afana nalawa. Indlela umufi adlwengulwa, waklinywa ngayo, isidumbu sakhe saphinda salahlwa ngayo, ikhombisa ubuSathane obuyisimanga ngakho inkantolo inomsebenzi wokususa emphakathini abantu abanalo lunya,” kusho uMaharaj.
Lesi sigwebo umbulali uzosidonsa kanyekanye. Inkantolo iphinde yamphuca nelungelo lokuphatha isibhamu.
Ngesikhathi uMaharaj echaza indlela umufi adlwengulwa ngayo ethasisela embikweni kadokotela, amalungu omndeni kamufi ahluleke ukuzibamba akhihla isililo.
Uthe ngokombiko kadokotela umufi wayelimele esithweni sangasese nangemuva esithweni sokuzikhulula.
Ummeli kaKhan, uMnuz Patrick Mkhumbuza ufake isicelo sokudlulisa isinqumo senkantolo nesigwebo, ekhala ngokuthi asinabo ubulungiswa kodwa inkantolo yasichitha.
Inkantolo ithe ubufakazi obubekwe phambi kwayo ngesikhathi kuqulwa icala buqanda ikhanda futhi isigwebo esinikwe uKhan sihambisana nobucayi becala okuvunwa nawuMthethosisekelo.
Kuvele ukuthi umbulali wake wagwetshwa iminyaka engu-15 ngamacala okubamba inkunzi kuhlonyiwe, kanti ubesasayina ngecala lakamuva nalo lokubamba inkunzi agwetshwa kulo iminyaka emihlanu.
Ngesikhathi kwethulwa isigwebo ubekhombisa ukungazi nanyaka kungekho zimpawu zokuphatheka kabi.
Ngaphandle kwenkantolo ngemva kokukhishwa kwesigwebo, injabulo ibibhalwe ebusweni kumalungu omndeni ngenxa yesigwebo.
Udadewabo kamufi uNkk Belinda Khuzwayo uthe bazoke balale ubuthongo.
“Sijabule kakhulu. Ubulungiswa
benziwe nakuba bungeke bumbuyise udadewethu. Ingane kamufi ibihlezi isibuza njalo uma sibuya enkantolo ukuthi kwenzekeni, namuhla izojabula. Siyasemukela isigwebo,” kusho uNkk Khuzwayo.
Ubonge kakhulu umsebenzi womphenyi wecala okuthiwa wenze konke okusemandleni ukuqoqa ubufakazi obuholele ekugwetshweni kukaKhan.
KHULEKANI MASEKO