KUSHIYE abafundi bengenawo amagumbi okufundela ukubhodloka kophahla lwesikole iQedindaba Primary eMadadeni.
Ilungu lesigungu esilawula isikole uMnuz Bheki Zwane lithe inkinga yaqala ngesikhathi isikole sikhahlanyezwa yisichotho sango-2015 kwathinteka amagumbi amane okufundela.
“Sayibika inkinga kuMnyango wezeMfundo ngo-2016 basitshela ukuthi bazolufakela amehlo udaba lwesikole. Ngo-2018 abahlela ingqalasizinda bathi bazothumela abantu ukuzohlola isikole ukuthi sidinga ukulungiswa kuphi,” kusho uZwane.
Uthe bafika esikoleni bezosihlola, bathumela umbiko emahhovisi ngesimo sesikole.B aba nethemba lokuthi umbiko uzodluliselwa kabanye abangasiza.
“Sithe sibona bengasasiphenduli sabikela ihhovisi lesifunda basitshela ukuthi akumiwe kancane ngokulungiswa kwesikole,” kusho uZwane.
Uthe ngo-2019 baba nomhlangano nomqondisi wesifunda bamchazela konke, wabathembisa ukuthi ngoFebruwari 2020 kuzoqala kulungiswe isikole.
“Kade sithenjiswa ukuthi isikole sizolungiswa, kuze kube imanje alukho ushintsho olwenzekayo. Kumanje sigulelwa uthisha ngenxa ka-asbhestozi, omunye washona ngonyaka odlule ngoNovemba ephethwe isifo somdlavuza esadalwa yiwo u-asbhestozi,” kuchaza uZwane.
Usihlalo wesigungu uMnuz Naphtai Nkosi uthe abasazi ukuthi sekumele benze njani ngoba awukho umnyango abangangqongqozanga kuwo ukuze basizakale.
“Kumanje kade sikhuculula amagumbi okufundela ngoba kungene amanzi njengoba kade kuna imvula, kuwe no-asbhestozi sesisaba ukuthi ungawela phezu kwezingane nothisha,” kusho uNkosi.
Uthe okubuhlungu kakhulu ngabantu besifunda ababikelwayo bagcina ngokuzobheka bangabe besabuyela kubo.
“Bafike bababaze njengathi umonakalo owenzekile, kodwa abazihluphi ngokuzolungisa. I-ceiling ivokomele igcwele amanzi ingawa noma inini, kanti namawindi ayashayeka uma kuba nesichotho,” kusho uNkosi.
Uthe iningi labazali seliyazikhipha izingane kuleisi sikole ngoba abasenaso isiqiniseko sokuthi ziphephile yini uma zisemagcekeni esikole.
“Njengesigungu sesibukeka njengabaqambi manga sithembisa abazali ukuthi isikole siyalugiswa kodwa ibe ingekho inqubekela phambili ngemizamo esiyenzayo. Asazi njengoba sekuzovulwa izikole ukuthi bangaki abazali abazobuyisa izingane zabo kulesi sikole njengoba nesimo saso singashintshi,” kusho uZwane.
UMnyango wezeMfundo awutholakalanga ukuphawula.