KUDUTSHULWE kwabulawa usomatekisi waseNkomba, eMuden, okuthiwa usocongwe ngoLwesithathu ekuseni ephuma kwakhe.
Kuthiwa uMnuz Bonginhlanhla Ernest Xulu (55) uvukelwe ngabantu abangaziwa abamdubule washona.
Osomatekisi bakulo soseshini, okukhulunywe nabo, bakuqinisekisile ukuthi uXulu udutshulwe washona ngabantu abebemlalele unyendle.
Isolezwe lithinte usihlalo kasoseshini wamatekisi eMuden, uMnuz Jeffrey Ngobese, othe uzwile ngandlebenye ukuthi kukhona imoto edutshuliwe kodwa akanalo ulwazi olugcwele ukuthi bekungubani.
UNgobese uthe ngesikhathi sesigameko yena ubekade eseThekwini.
Uthe angakuqinisekisa ukuthi umufi akulona ilungu likasoseshini wabo ngakho kungenzeka ukuthi ubekade esebenzela kwenye indawo kodwa engowaseNkomba.
Uthe izolo usoseshini wabo ubukade unokhetho lapho bekukhethwa khona ubuholi obusha bukasoseshini.
“Okwenzekile akuyona into ethinta usoseshini wethu. Obekukhona izolo wukhetho lobuholi obusha,” kusho uNgobese.
Lo mholi ukhethwe waba ngusihlalo kasoseshini izolo.
Okhulumela iSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sfiso Shangase, udlulise amazwi enduduzo emndenini oshonelwe nakwabebekade besebenza noXulu. Usigxekile isigameko sokusocongwa kwakhe, wathi siletha igama elibi embonini yamatekisi.
“Kwenzeka lokhu nje, kunokhetho lobuholi obusha esifundeni uMzinyathi. Yisona sifunda sokugcina esikhethisa kusona. Asazi yini eholele ekutheni kube nalokhu kudubula kodwa siyakugxeka,” kusho uShangase.
Uthe kuyadumaza ukuthi ngesikhathi senkululeko kusenabantu abakholelwa ekulungiseni inkinga ngokuthi babulale.
Ucele abantu abangaba nolwazi mayelana nalesi sigameko ukuthi baludlulisele emaphoyiseni khona kuzothungathwa kuboshwe abasolwa bese beyashushiswa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe ayaziwa imbangela yalokhu kubulala kodwa kuphenywa icala lokubulala esiteshini saseMuden.
UCol Mbele uthe kusolakala ukuthi ngoLwesithathu ngo-11.30 ekuseni owesilisa ubekade eshayela emgwaqweni uR74 eNkomba ngesikhathi edutshulwa ebulawa ngabantu abangaziwa.