SIGXEKIWE isenzo samaphoyisa sokuphuca abantu ukudla abakutape ngesikhathi kuqhubeka izibhelu kuleli.
Izinhlangano ezimele amalungelo abantu zikhwele zadilika emaphoyiseni abeyingxenye yemikhankaso yokuqoqa impahla etatshwe ngesikhathi sezibhelu.
Izinhlangano ebezikhuluma ngesikhathi kunembizo ebihlelwe iSA Human Rights Commission, zithe amaphoyisa bekufanele abaxolele abatape ukudla.
Lezi zinhlangano zithe kusobala ukuthi abatape ukudla bebezama ukuxosha ikati eziko njengoba siphezulu kakhulu isibalo sabantu ababhuqwabhuqwa indlala kule lizwe.
Izikhulumi ebezishiyelana inkundla kule mbizo ebiqhubeka kusetshenziswa ezobuchwepheshe, ziyalele amaphoyisa ukuba asebenzise umndlandla awusebenzisa ukuphuca abantu ukudla okutatshiwei, ngokulandela abasolwa ngokwehlisa ngemilenze izigidi zemali yabakhokhi bentela.
Kuphinde kwahlatshwa nekhwelo lokuba uhulumeni uqale ukuholela isibonelelo sabangasebenzi khona kuzoncipha isibalo sabantu abadla imbuya ngothi.
Esinye sezikhulumi, uNkk Zandile Ngema, uthe abantu abaningi bakhishwe inkemane bayotapa.
"Isisu asikweletwa. Kunzima ukuthi ungathi ulambile ungayi kotapa abantu betapa. Ngaphandle kwalabo ababeganga, kukhona abantu obonayo ngempela ukuthi babekhishwa indlala. Uma ubona izinto abazitapile, uyabona ngempela ukuthi lomuntu uzixakekele."
UNkk Ngema uthe isenzo samaphoyisa sehlisa isithunzi, wathi amaphoyisa kufanele ayoxolisa emphakathini ethintekayo.
"Umphuca kanjani kodwa umuntu impuphu? Kukhona abathatha ubisi lwengane kanye namanabukeni. Usithathaphi isibindi sokuphuca umuntu into enjalo?"
UNksz Pregs Govender, uthe ukudla osekuqoqwe amaphoyisa, kufanele kunikezwe abantu abahlwempu.
"Kule lizwe kunabantu abangu-13 million abadla imbuya ngothi. Lokhu kudla kufanele kunikezwe labo bantu. Angiyizwa le nto yokuthi kuthiwe kuzocekelwa phansi.
"Ngeke kuwenze umqondo ukuthi sithi sizocekela phansi ama-laptop ekubeni kunezikole ezingenawo."
Uhulumeni ubuye washaya ungqimphothwe esimemezelweni sokuthi zonke izimpahla eziqoqwe amaphoyisa kwabebezitapile zizocekelwa phansi, wabuye wathi zizonikezwa abahlwempu.
UNksz Jacqueline Ashwan, uthe uhulumeni kufanele aqhamuke namaqhinga okulwa nendlala ukuze kugwemeke ukubheduka kwezibhelu ezifana nalezi ngomuso.
"Abantu bakhathele ukubanjiswa udonga. Kungiphula umoya ukubona abantu bebulawa indlala.’’