Mbali Khanyile
USHAYANA ngamakhanda umndeni wowesifazane waseMlaza osekuphele amasonto amabili engaziwa.
UNkk Neli Msimang ongudadewabo kaNkk Nokuzola Purity Khanyile ( 52) onyamalale ngoSepthemba 29 eya ebhange eliseMega City, unxuse noma ngubani ongaba nolwazi ngokuduka kwakhe ukuthi abasize ngomkhondo kadadewabo asebembheke yonke indawo.
“Sihluleke simbheka ezibhedlela nasemakhazeni kahulumeni eThekwini. Sibikile nasemaphoyiseni kodwa abengakasithinti mayelana nomkhondo wokuthi ukuphi nezwe,” kusho uNkk Msimang.
Eqhuba uthe okumphathisa ngekhanda wukuthi udadewabo washiya ucingo lwakhe ekhaya ngosuku ahamba ngalo.
Echaza ngezimpahla ayezigqokile, uthe wayefake isiketi esimnyama, isikibha esimhlophe nezicathulo ezimpunga.
“Nasebhange aduke eya kulona siyile ukuyobheka ukuthi ugcine efikile yini khona, sathola ukuthi akazange afike. Izinombolo ahola ngazo nazo zikhomba ukuthi akazange ahole kule nyanga,” kubeka yena.
Echaza uthe ngokwazi kwabo udadewabo ubengenazo izitha kodwa kukhona obekuyinkinga abebhekene nakho ngendlu yakhe ayidayisa abengakaze ayithole imali yayo selokhu kwangena umnikazi omusha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uqinisekisile ukuthi kunowesifazane odukile.
“Sinxusa ongase abe nomkhondo axhumane nesiteshi samaphoyisa aseBhekithemba kule nombolo ethi: 031 909 9923 noma ethi:08600 10111,” kubeka uCaptain Gwala.