KUSHISWE umuzi kasomabhizinisi waseNtshawini eGroutville osolwa ngokuthakatha ingane yakwamakhelwane eshone ngeSonto.
Lo wesifazane okuthiwa uyisangoma unebhizinisi lokungcwaba. Uke waba nebandla leZayoni, kuthiwa uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokushaywa wumphakathi obusumgaxe nethayi.
Usolwa ngokushona komfana oneminyaka ewu-12 wakwamakhelwane. Kuthiwa umfana bese kuphele izinsuku ezine ekhala ememeza ethi ubizwa yilo wesifazane uthi akeze esigodlweni sakhe.
Umthombo waleli phephandaba okule ndawo, ongathandanga ukudalulwa, uthe umfana ushone efika enyangeni ebekuthiwa izomelapha, KwaMaphumulo.
Uqhuba uthi lo mfana ubekhala ememeza igama lalo wesifazane, ethi uyamklinya uthi akeze esigodlweni sakhe. Lokhu kukhala kuthiwa umfana ukuqale ngoLwesihlanu ngesikhathi lo wesifazane okuthiwa ubengekho eyolanda imithi alapha ngayo eMozambique.
“Isangoma sibuye ngalo iSonto. Abantu ebebezobhonga emswaneni ebebekwamakhelwane bebesacabanga ukuthi siyobuzwa ngalezi zinsolo. Singene endlini saphuma singagqokile sageza ngokuthile esicabanga ukuthi bekuwumuthi. Kwabe sizithintele kubantu. Baphume bonke emizini yabo baqonda kuso, satalajwa kuthiwa asisho ukuthi sazini ngokushona kwalo mfana. Ngesikhathi eshaywa ugaxwe nethayi, kube nokuphikisana kwabe bekhona abanye bethi akabulawe, abanye bethi akatalajwe aze akhiphe iqiniso ngokuthi wazini ngokulahleka kwezingane kule ndawo. Usizwe wukufika kwamaphoyisa, amphephisa,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Thembeka Mbele uthe kuvulwe idokodo lophenyo ngomfana okusolwa ukuthi uthwetshuliwe, esiteshini samaphoyisa KwaMaphumulo.
Uthe amaphoyisa aKwaDukuza aphenya icala lokuzama ukubulawa kwalo wesifazane oshaywe wumphakathi.
UMnuz Sphamandla Zulu osekomitini lomphakathi endaweni uthe udaba lwalo wesifazane luwundabamlonyeni.
“Ngike ngaya kulo muzi ngifike abantu besaqhubeka nokucekela phansi ezinye izimpahla. Izimoto nezinye izimpahla bekusashunqa. Kuningi okushiwo ngomnikazi wawo okuhlangene nokumsola ukuthi uyathinteka ekulahlekeni kwezingane endaweni. Abanye bese beqalile bemba eduze kwezitolo zakhe ngethemba lokuthi bazothola amathambo alezo zingane. Isigodlo sakhe kuthiwa sishisiwe ngeSonto ngemuva kokutholakala kogebhezi. Anginalo ulwazi lokuthi lokhu kuyiqiniso kangakanani kodwa yinto nami engitshelwe yona,” kusho uZulu.
Isolezwe lithole ukuthi lo wesifazane ulaliswe esibhedlela ngenxa yokulimala.