UMNYANGO wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdaba ukhiphe isexwayiso ngemvula enamandla engadala izikhukhula ezindaweni ezehlukene esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Lo mnyango uthe izangoma zezulu ngaphansi kweSouth African Weather Service zikhiphe isexwayiso ngemvula enamandla elindeleke ezindaweni eziseNingizimu yesifundazwe okubalwa kuzo uMzumbe, uMdoni neRay Nkonyeni. Kuvela nokuthi okufanayo kulindeleke eThekwini nasezindaweni ezisemkhandlwini weLembe.
Kukhishwa lesi sexwayiso nje, izakhamuzi zaseMargate azilalanga ngenxa yezikhukhula ezidalwe yimvula yangeSonto ebusuku.
Imvula ihlasele kakhulu izindawo eziheha izivakashi eVongo naseMargate kwaguguleka nemigwaqo kwacekeleka nempahla eningi. UMnuz Sboniso Mngadi okhulumela umnyango uthe bakhiphe amathimba ezinhlekelele ayohlola umonakalo nokuqhubeka nokuqapha isimo kule ndawo.
UMnyango @kzncogta uhlola umonakalo Margate nasoVongo kulandela izikhukhula ezidalwe yomvula enamandla ngeSonto ebusuku @IsolezweNews pic.twitter.com/T2hJ56cNED
— Nonku Nhlapo (@NduNhlapo) April 15, 2024
“Amathimba ethu amatasa abheka ukuthi umonakalo ungakanani.”
Kubikwa ukuthi bane abantu abashonile ngenxa yemvula. Ithimba lezinhlekelele nezimo eziphuthumayo litakule izidumbu ezintathu zabantu okukholakala ukuthi bebehamba ngemoto ekhukhuleke ebhulohweni ngeSonto ebusuku.
Kule moto kuthiwa bekunabantu abadala abathathu nengane eyodwa.
Owesine oshonile kuthiwa ushaywe wumbani.
Amathimba ezimo eziphuthumayo asezindaweni ezahlukeneke njengoba uqhubeka umsebenzi wokutakula izimoto ezithintekile kule ndawo nokusho ukuthi kusengavela ezinye izindaba zabanye abalimele nabashonile.