Nontuthuko Ngubane
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe labo abadla imali namaphasela okudla abekelwe abantu abaswele ngalesi sikhathi sikathaqa, benza ubugebengu obukhulu futhi kumele bejeze kanzima.
URamaphosa ukusho lokho encwadini yakhe yamasonto onke.
Uthe kunzima ukuqonda ukuthi usushonephi unembeza kosomabhizinisi abaletha izimpahla zokuvikela kodwa bakhuphule inani lazo lize lifike ku-900%.
“Akekho ongachaza ukuthi kungani amakhansela ezibekela ukudla kwamaphasela okusuke kulethelwe abantu abangenalutho, wona abekele imindeni yawo. Angikuqondi ukuthi kungani ikhansela lingayisa iloli eliletha amanzi ngamathangi emzini walo ekubeni kumele kulethelwe abantu amanzi,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa uthe kuyamshaqisa ukuthi umndeni womuntu osuke entshontshe imali okumele kube ngeyabantu abaswele, kungani lowo mndeni ungasebenzisa leyo mali ukukhithiza izimpahla, uthenge izimoto, ulungise imizi, uzicwale uze wembule namatshe ngemali yokwebiwa.
“Imizamo yokuhlomula ngemali yenhlekelele esibulale abantu, eqhubeka nokubulala abantu mihla namalanga wukuqola. Izimpisi ezifuna ukudla njengoba sibhekene nalolu bhubhane nje siyisizwe, sizithola sesibhekene nabantu nezinkampani abantshontsha ngaphandle kokuba nonembeza,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa uthe bezwa izindaba mihla namalanga ngezinkampani ezikhuphula amanani azo ukuze zenze inzuzo enkulu kakhulu.
Uthe lo mkhuba awenziwa izinkampani ezincane kuphela kodwa nezinkampani ezinkulu ezivela ohlwini lweJSE.
Uthe kukhona izinkampani asebezitholile zenza lokhu, zalahlwa amacala zabe sezihlawuliswa ngendlela efanele.
URamaphosa uthe bazoqinisa umthetho wokulwa nalesi sihlava.
Uthe njengoba sekuyophela amasonto egunyaze uphenyo lweSpecial Investigating Unit (SIU), ngokukhwabaniswa nokudliwa kwemali ebekelwe ukuhlenga abantu njengoba kunobhubhane iCorona.
Uthe emasontweni ayisithupha uzothola umbiko ngamacala ahlukene.
“Inkohlakalo yinkinga esinayo emphakathini wethu. Kumele sikuthathele izinyathelo lokho, hhayi ukugada imali ebekelwe inhlekelele yecorona kuphela kodwa yonke imali kahulumeni nemisebenzi kahulumeni. Ngiyanxusa ukuba abantu babike uma bebona kukhona okungahanjiswa kahle ngemali yomphakathi,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa unxuse ukuba abantu babe nonembeza.
“Abasebenzi bakahulumeni, nosopolitiki uma sizimisele ukuba umphakathi uphinde usethemba kumele sikugweme ukuzithola sinogcobho,” kusho uRamaphosa.
Uthe ngalokho kumele abasebenzela uhulumeni nosopolitiki badedele amalungu omphakathi ajwayelekile ukuba afake izicelo zemisebenzi kuhulumeni, bangasebenzisi ulwazi abanalo ukunikeza abangani babo nezihlobo imisebenzi kahulumeni.
Uthe wonke umuntu kuleli uvumelekile ukwenza imisebenzi ethinta ezamabhizinisi wathi kodwa inkinga enkulu ababhekene nayo abangani nemindeni yosopolitiki nabasebenzi bahulumeni abathola imisebenzi yamathenda.