USALE encela isithupha umsakazi weMbokodo FM ongumfundisi, obeyinxusa lenkampani iBlue Alpha Alliance Group okuthiwa ishaye yachitha nemali yabantu.
UMfundisi uNdlelenhle Khanyile, owethula uhlelo oluthi UJesu Umlamuleli, emsakazweni iMbokodo FM uyazisola ngokusebenzisana nale nkampani.
Uveze ukuthi leli bhanoyi liphahlazeke nanemali yakhe njengoba ubethenge amasheya kaR38 000 kuyo.
“Bese kuphele izinyanga ezintathu ngisebenzisana neBlue Alpha, ngibamaketha emsakazweni iMbokodo neVibe FM. Bangithola ngesikhathi nami ngiyofaka imali yami enguR38 000. Bezwa ukuthi ngisebenza emsakazweni, bacela ukuthi ngisebenze nabo. Bese ngike ngayithola imali enguR16 200,” kusho uKhanyile.
Uthe ubone ngeledlule ukuthi inkampani isibalekile emuva kokuthi izikhulu zayo zingafiki emhlanganweni owawusedolobheni eThekwini.
Uqhube wathi ujube ummeli wakhe ukuthi amsize avulele inkampani icala lokukhwabanisa nokudicilela phansi isithunzi sakhe njengoba engumsakazi ongumfundisi.
“Abantu bangishayla ucingo bengibuza ngeBlue Alpha. Ngiyabachazela ukuthi nami kangisabatholi ezingcingweni ngakho abantu abanezinkontileka abavule amacala,” kusho uKhanyile.
UNksz Lindeni Mahlaba (27) waseHammarsdale uthi ulahlekelwe nguR18 000 kule nkampani, awutshale ngo-Agasti nonyaka. Bekulindeleke ukuthi aqale ukuthola uR6 300 ngoNovemba 20 obezoyithola izinyanga eziwu-12.
“Ngifake imali yami kwiBlue Alpha Alliance emuva kokuzwa uMfundisi Ndlelenhle Khanyile ekhuluma ngayo emsakazweni iMbokodo FM. Wathi le nkampani ifaka izimoto zayo kwi-Uber neTaxify, idinga abantu abazothenga amasheya. Wathi uma echaza imali etholwayo emuva kokuthenga amasheya ngaheheka,” kusho uNksz Mahlaba.
Omunye umgilwa (42) waseNanda ocele ukungadalulwa, uthe ubefake uR38 000 ngoSepthemba 30, eyayibolekwe ngudadewabo omncane ebhange.
“Kuduma ikhanda. Ekhaya kakunakudla. Bengilindele ukuhola ekupheleni kwale nyanga. Sithole imiyalezo ethi akekho umuntu ozokhokhelwa. Kuyacaca ukuthi babalekile nemali yethu,” kusho lo owesifazane.
Uqhube wathi akazi ukuthi uzosikhokha ngani isikweletu ngoba waphelelwa wumsebenzi ngo-2017.
Imizamo yokuzwa uhlangothi lweBlue Alpha Alliance kayiphumelelanga, ucingo lwabo kalubanjwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCapt Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseMpumalanga aphenya ngecala lenkohlakalo emuva kokuthi owesifazane eqolwe imali yakhe.