SIMPHIWE NGUBANE
ISIKHWAMA esixhasa abafundi ngemali yokufunda, iNSFAS, sikhuthaza labo abasikweletayo ukuthi bakhokhe ukuze kusizakale ezinye izitshudeni.
UMnuz Kagisho Mamabolo, ongumkhulumeli weNSFAS, uthe eminyakeni eyedlule bakwazile ukuthi baqoqe imali elinganiselwa kuR400 million kubantu ababekade bethole uxhaso kulesi sikhwama ngaphambilini.
UMamabolo ubekade ekhuluma ohlelweni lwezindaba esiteshini sikamabonakude, iNewzroom Afrika, izolo ekuseni.
Ukhuthaze nabamabhizinisi azimele ukuthi baphonse itshe esivivaneni ukuze abafundi bathole uxhaso.
Ubaqinise idolo labo somabhizinisi ngokuthi iNSFAS isinobuholi obusha futhi ithole umbiko wokuphathwa kwezimali ongenawo ugcobho, okuyizinkomba zokuthi isimo sesishintshile, akusafani nakuqala.
UMamabolo udalule ukuthi bathathe isinqumo sokuthi baselule isikhathi sokufakwa kwezicelo kulo nyaka, umnqamulajuqu obungoJanuwari 7 bawuhlehlisela uJanuwari 21.
“Selule isikhathi sokufaka izicelo ngesikhathi esingamasonto amabili ukuze nalabo abafunda ngaphandle kosizo lukaNSFAS bathole isikhathi sokufaka izicelo. Lokhu kuzosiza nalabo abazobe sebeyitholile imiphumela kamatric ephuma ngoJanuwari 20,’’ usho kanje.
Ngokwesitatimende sakwaNSFAS, kusukela ngoNovemba 2 ngonyaka owedlule zibalelwa ngaphezu kuka-600 000 izicelo ezifakiwe.
Kulesi sibalo, izicelo ezilinganiselwa ku-505 820 ngezalabo abaqalayo ukufaka izicelo kulesi sikhwama.
Labo abahola imali yesibonelelo kwaSassa akudingi ukuthi balinde isikhathi esiyizinsuku ezingu-30 ukuze bathole impendulo ngesicelo sabo kodwa batshelwa ngaleso sikhathi.
Bangu-182 567 asebezitholile izimpendulo zokuthi bangayithola le mali inqobo nje uma sebemukeliwe ezikhungweni zemfundo ephakeme.
UMamabolo uthe kumahhala ukufaka isicelo kwi-website yakwaNSFAS uma ngabe usebenzisa uMTN, Telkom noVodacom abanesivumelwano sokusebenzisana nabo.