KUSOLWA ukunukana ngokuthakatha phakathi komakhelwane, kubulawa uthisha nonina okuthiwa badutshulwe ngabasolwa abangaziwa besekhaya endaweni yasekuJulukeni oNdini, ngoLwesihlanu ebusuku.
Isigameko sokubulawa kukaNksz Nonhlanhla Dumisa (47) obenguthisha Ekujuleni Primary nonina uNksz Dinto Dumisa (67) sishiye amalungu omphakathi kule ndawo eshaqekile, umndeni uthe zikhona izigameko ezenzeke phambilini eziholele ekutheni omakhelwane bakhombe wona ngeminwe bewusola ngokuthakatha. Uthe lokhu kwenza babe nezinsolo zokuthi ukubulawa kwamalungu omndeni kwenziwa ngabantu bakhona endaweni. Kulesi sigameko kulimale nendodana kaNonhlanhla okuthiwa isimo sayo siyathembisa esibhedlela.
Ilungu lomndeni elingathandanga ukudalulwa, lithe unina ubulawe esekamelweni lakhe elele, kanti udadewabo ubekwenye indlu ekhona egcekeni ebuka isiqephu somdlalo Uzalo, ehleli namanye amalungu omndeni.
“Bengisendlini yami sengicime ugesi ngesikhathi ngizwa kuqhuma isibhamu. Ngicabange ukuthi siqhuma ngaphandle kwekhaya, ngalunguza kodwa ngangabona muntu. Kuthe uma ngilunguza ngewindi elibhekene nendlu okulala kuyo umama, ngabona kunothile ophuma kuyo,” kusho leli lungu.
Lithe ngemva kokubona kuvuleka izicabha, liphuthume endlini lapho kulala khona unina, lamthola edutshuliwe ngaphambi kokuthi lidlulele egunjini lapho bekuhlangene khona amanye amalungu omndeni ebukela i-TV lathola ukuthi udadewabo naye udutshuliwe.
“Okwenza sibe nezinsolo zokuthi lesi senzo ngesomakhelwane wukuthi bebevele benuka umama nodadewethu ngokubathakatha., Kuyakhombisa ukuthi umuntu owenze le nto wazi nokuthi umama ulala kuphi. Udlulile lapho bekuhleli khona udadewethu omncane waqonda ekamelweni lakhe amdubulele kulo.
IMeya kuMasipala wasoLundi uMnuz Wilson Ntshangase ihambele lo mndeni izolo iyobhonga emswaneni.
“Kuyisigameko esibuhlungu lesi sokubulawa kwabantu besifazane esikholwa wukuthi kwenziwe abantu besilisa ngoba yibona ngokujwayelekile abaphatha izibhamu. Umsebenzi wamadoda ukuvikela abantu besifazane akusikona ukubabulala. Siphatheke kabi kakhulu, ngakho sizobambisana nomndeni siwumasipala ukuwulekelela ufihle amalungu awo, siyethemba amaphoyisa azokwenza umsebenzi wawo kuboshwe izigilamkhuba,” kusho uNtshangase.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala namathathu okuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa oLundi.
“Abanye abagilwa abathathu baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze belimele. Imbangela yokuhlasela ayikaziwa, amaphoyisa ayaphenya,” kusho uColonel Mbele.