Jonisayi Maromo
UNGQONGQOSHE waseMpumalanga uboshelwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala.
UNGQONGQOSHE waseMpumalanga uboshelwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala.
Amaphoyisa akulesi sifundazwe athi lo ngqongqoshe obephelezelwa ngabameli bakhe uzinikele emaphoyiseni aseNelspruit ngamacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala izolo.
Okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Vishnu Naidoo, uthe, le ndoda eneminyaka engu-45 kusolwa ukuthi iyabandakanyeka esigamekweni lapho kwadutshulwa kwabulawa khona abantu ababili owesithathu naye owadutshulwa walimala kanzima. Lesi sigameko uthe senzeka ngo-Agasti 21.
UNaidoo uthe sebebathathu abantu asebeboshiwe mayelana nalesi sigameko.
Uthe ngenyanga edlule amaphoyisa abopha uMnuz Joseph Charlie Ngwenya (35) noMnuz Tshepo Matsane (30).
“Laba ababili sebeke bavela enkantolo ngaleli cala baphuma ngebheyili kaR20 000 umuntu emunye. Ungqongqoshe kulindeleke ukuthi avele enkantolo yemantshi maduze nje," kusho yena.
Kwesinye isigameko esingahlangene nalesi amaphoyisa amabili elineminyaka ewu-38 nelineminyaka ewu-42 adutshulwe alimala eKomatipoort.
UCaptain Dineo Lucy Sekgotodi woKlebe, uthe la maphoyisa abesemsebenzini abehamba endaweni eqaphe ubugebengu kanti azodlula kwenye indawo yamabhizinisi kugqekezwa. Abona imoto esolisayo eza kuyo abebekuyo bavulela ngenhlamvu beqondise kuwo.