I-ACTIONSA KwaZulu-Natal ihlongoza ukufaka enkantolo uMasipala weTheku nowoGu ngenkinga yamanzi.
Lokhu kuvezwe umholi waleli qembu, uMnuz Zwakele Mncwango izolo kwabezindaba emva kokuhambela iziphehlimanzi ngoLwesibili nangoLwesithathu behlola isimo samanzi.
Uthe lokhu bakususele embikweni owenziwe inhlangano elwela amalungelo abantu, iHuman Rights Commission kulandela ukuthola izikhalazo eziningi emphakathini.
Udalule ukuthi abemukelekanga kuMasipala woGu njengoba bevinjwe ngezinhlokohlela zezibhamu.
UMncwango ophinde agaqele esobuNdunankulu njengoba kuyiwa okhethweni, uthe bazoya enkantolo ukuqinisekisa ukuthi uyabahlinzeka abantu ngamanzi njengoba kuyilungelo labo elikumthethosisekelo.
“Sizoqale sifune incwadi ephoqa laba omasipala ukuthi basivulele amathangi agcina amanzi neziphehlimanzi ukuze sihambise onjiniyela bethu ukuyobheka ukuthi yiziphi izinkinga ezikhona,” kusho uMncwango.
Uqhube wathi onjiniyela bazophinde bahlole nengqalasizinda bese beyasho ukuthi kungaba yimalini ukuthi kulungiswe umonakalo.
“Uma sesiqede lokho, sizobe sesiya enkantolo nombiko ogcwele ozosho ukuthi nazi izinkinga ezikhona, zingalungiswa kanjani ukuze inkantolo iphoqe (omasipala) ukuthi abantu bahlinzekwe ngamanzi,” kusho uMncwango.
Ukhale ngokulahleka kwamanzi angu-58% eThekwini, wathi lokhu kusho ukuthi iningi imali ekhishwa umasipala ukhokhela amanzi agcina engafikanga kubantu.
Uthe amanzi alahlekayo uma sekubhekwa ezezimali, kuye kuvele ukuthi adla imali engu-R2 billion ngonyaka.
Okunye akhale ngakho ukuhudulwa kwezinyawo ukulungiswa kwezinkinga zamanzi ezindaweni ezihlala abantu bebala elimnyama.
“Kugcina sekuyinto ejwayelekile kubantu abahlwempu kodwa uma eMhlanga kuhambe amanzi izinsuku ezimbili, kusukuma ngisho imeya (uMnuz Mxolisi Kaunda) ayochaza ukuthi kwenzekeni,” kusho yena.
Uthe sekuphele amasonto amabili eMlaza kwa-Q bengenamanzi.
“Inhlekelele yamanzi eThekwini yenziwe ngamabomu ukuze kukhishwe amathenda, bese kudliwa imali,” kusho uMncwango.
Uthe abakubonayo wubugebengu babantu abasebenzisa amanzi ukuzicebisa.
“Umngeni Water uyawaletha amanzi kodwa agcine engafinyelelanga kubantu. Kunobugebengu babantu asebehlangene ukwenza imali ngokusungula inhlekelele yamanzi. Bacekela phansi ingqalasizinda ukuze kuzothunyelwa amaloli emphakathini,” kusho uMncwango.
Uqhube wathi abanye babulala ingqalasizinda ukuze bezobizwa ukuthi bazoyilungisa, wathi le nkinga ingalungiswa ngokuqedwa kwamathenda.
Uphinde wathi enye inkinga idalwa wukuthi ubuholi bukaMasipala waseThekwini bunenkinga yokungazimiseli ngokuxazulula inkinga yamanzi.
Wenze isibonelo ngezigcinimanzi zaseNanda, Ntuzuma nasePhoenix, wathi imiphakathi eyakhelene nazo sekuneminyaka ingenamanzi.