LWELULWE ngamaviki amabili usuku lokuvalwa kwezicelo esikhwameni esibhekelele uxhaso lwezitshudeni kuleli, iNational Student Financial Aid Scheme.
Ukufakwa kwezicelo zokufundiswa ngaphansi kwalolu xhaso kwakuvulwe ngoNovemba nyakenye, kanti lesi sikhwama siyaqhubeka nokusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukukhumbuza nokugqugquzela abafuna ukufaka izicelo ukuthi benze njalo ngaphambi komnqamlajuqu.
Phambilini, ngesikhathi ememezela ngokusemthethweni ukuvulwa kokufakwa kwezicelo kulesi sikhwama, uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, iSayensi nezobuChwepheshe, uDkt Blade Nzimande, wamemezela ukuthi imali yoxhaso kulesi sikhwama yengezwe yafinyelela kuR42 billion kunyaka wezimali u-2021/2022 isuka kuR35 billion ku-2020/2021.
Okulindeke ukuthi bafake izicelo kulesi sikhwama, yizitshudeni zakuleli ezihlela ukubhalisa noma esezibhalisile ezikhungweni zemfundo ephakeme kuleli; ezithola isibonelelo sezingane sikahulumeni, noma abazali bazo abathola imali engaphansi kukaR350 000 ngonyaka; abaphila nokukhubazeka nabathola imali engaphansi kukaR600 000 ngonyaka. Ngemininingwane, abafuna ukufaka izicelo bayanxuswa ukuthi bavakashele i-website ethi: www.nsfas.org.za.