USbahle Mpisane, ozakhele udumo ngezinhlelo zokuzivocavoca, ngoLwesibili ukhombise izimpawu zokuba ngcono kwesimo akuso kulandela ingozi enyantisa igazi aba kuyo ngeledlule.
Le ntokazi ezakhele udumo ngokujimisa abantu, yayihamba ngemoto yayo iBMW 4 Series Convertible ngesikhathi yehlelwa yingozi emgaqweni uMargaret Mncadi Avenue (Victoria Embankment).
USbahle walekelelwa ngowesilisa naye owaziwa kwezokuzivocavoca, uBrian Dube, owamkhipha emotweni wabiza abosizo oluphuthumayo.
NgokweTshisaLive, uyise kaSbahle, uSbu Mpisane, uthe umndeni ubuyelwe yithemba njengoba uSbahle evule amehlo okokuqala ngqa selokhu ehlelwa yile ngozi.
FUNDA: UKhune uthandazela uSbahle
USbahle usasegunjini labagula kakhulu esibhedlela iNetcare St Augustine’s Hospital, eThekwini. Umndeni wakwaMpisane kuthiwa uhlalele emkhulekweni kulesi sibhedlela nsuku zonke.
UMpisane uthumele umqhafazo eveza ukuthi indodakazi yakhe isiwavulile amehlo. Isolezwe ngeSonto libikile ukuthi le ntokazi isiphumile kwikhoma kodwa ibisaphefumuliswa ngamapayipi.
Amaphoyisa asaphenya ngale ngozi.