KUSHONE abathathu ngesikhathi kunombhikisho wokuxosha abanikazi bezitolo bokufika, obuseSeacow Lake, eKenville naseGreenwood Park, izolo.
Kulo mbhikisho, okuthiwa uqale ebusuku kulezi zindawo, kucekelwe phansi izitolo zabokufika kwathathwa izimpahla zabo ebezisezitolo.
Kuthiwa abokufika abebengaphakathi ezitolo ngesikhathi kutheleka iqulu lezakhamuzi ebusuku ngeSonto bavulele ngenhlamvu kubabhikishi okuthiwa bebebahlasela kwadubuleka uMnuz Sonwabile Dladla (23), nomunye wesilisa elingatholakalanga igama lakhe.
UDladla ushonele endleleni eya esibhedlela kwathi omunye wesilisa washonela esibhedlela. Omunye wesifazane oshonile kuthiwa uthuswe yiqulu lababhikishi ebelingena eChina City ekuseni izolo wawa washona.
Izolo ekuseni imigwaqo yakule ndawo ibivalwe ngamathayi avuthayo nangezingodo. Izimoto ebezidlula bezishaywa ngamatshe.
Ngesikhathi leli phephandaba lihambele kule ndawo izolo bekunonogada namaphoyisa abeqaphe isimo.
Elinye ilungu lomphakathi elicele ukuthi lingadalulwa lithe: “Akukho okutheni esikwaziyo ngaphandle kokuthi ngeSonto kukhale indweba isazisa ukuthi kunombhikisho wokuxosha abokufika. Kubukeka sengathi abokufika bebenolwazi lokuthi bazohlaselwa ngoba sithe sifika kwesinye sezitolo sithi siyobakhipha baphuma badubula kwadubuleka abesilisa ababili. Yize bese kukhona abadubulekile kodwa kuqhutshekiwe nombhikisho abanye behamba bengena ezindlini ezihlala abokufika bebaphoqa ukuthi baphume bahambe,” kusho yena.
UMNUZ Sonwabile Dladla oshonile okusolwa ukuthi udutshulwe ngabokufika ngesikhathi ehamba nequlu ebelihlasela abanikazi bezitolo eSeacow Lake, ngeSonto ebusuku Isithombe: Sithunyelwe
UNksz Vuyiswa Dladla, unina kamufi, uthe indodana yakhe ibilele ekhaya ngesikhathi ibizwa ngothile angazi ukuthi bekungubani.
“Akuphelanga sikhathi eside sabizwa sekuthiwa udutshuliwe, ushonele endleleni eya esibhedlela,” kusho yena.
UMnuz Daniel Dunia, we-African Solidarity Network, uthe lezi zigameko zigqugquzelwe yinkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa ayethule ngeledlule lapho ethe abantu bangaphandle bazivulela izitolo emalokishini bengenazo izimvume. Kule nkulumo uMengameli uthe lokhu kumele kuphele.
UDunia uthe yile nkulumo eholele ekutheni kuqalwe umkhankaso wokumasha ukuze kuxoshwe abokufika obekukhulunywa ngawo ezinkundleni zokuxhumna kuthiwa uzoqala izolo.
“UMengameli kumele ayihoxise le nkulumo yakhe yize sazi ukuthi wayekhuluma ngezethembiso ezisemqulwini wokhetho ngoba abanye abantu bayitolike ngenye indlela. Lena bekuyindlela yokugaya ivoti kodwa manje isidale izinkinga,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi kushone abantu abathathu kulesi sigameko.
“Kuvulwe amacala amabili okubulala nedokodo lophenyo,” kusho uZwane.
Okhulumela ihhovisi likamengameli, uNksz Khusela Diko, uthe abathi inkulumo kaMengameli iholele ekutheni kuhlaselwe abokufika bakhuluma into abangenaso isiqiniseko sayo futhi bakhombisa inzondo kuMengameli.
“Kule nkulumo uMengameli wayekhuluma ngosomqulu wokhetho weqembu elibusayo ethi kumele kuqiniswe imithetho,” kusho yena.
Kuvele nemibiko yokuthi bese kuhlaselwa abashayeli bokufika bekhishwa emalolini emgwaqweni uM7.