UKUBA nempandla ngeke kusabaphathisa ngekhanda abesilisa abakhonze ukuba nezinwele njengoba ungoti wezitayela zasekhanda zabesilisa, uPatrick “Pat” Missile wePat Perfect Beauty Hair Salon, edume ngokwenza amawigi osaziwayo besifazane eseqhamuke nezinwele zokufakelwa ezivala impandla kwabesilisa, zakhe ihwanqa, ziphinde zivale namanhlonhlo.
UPat uthi lo mcabango wamfikela eminyakeni emihlanu eyedlule esanda kufundela ukuthunga amawigi abesifazane.
Ukuhlala kungena abesilisa bezogunda imbungculu ngoba bezenyeza ngempandla kwamenza waqhamuka nesisombululo sezinwele zokufakelwa.
“Ngibheka ukuma kwezinwele zomuntu nekhanda lakhe bese ngizenza zihambisane naye.
“Izinwele zabantu azifani, kumele uhlobo lwezinwele engizisebenzisayo ngizenze zifane nse nezomuntu ukuze kungabonakali ukuthi kukhona ezinezezelwe ngaphezulu.
“Intshebe nezinwele akufanele kungafani, kwehluka kuphela uma ezosebenzisa udayi ekhanda,” kusho uPat.
Eqhuba uthe uhlobo lwezinwele ulwakha ngokubhekelela izinhlanga ezahlukene ukuqinisekisa ukuthi umuntu ufaka ezizomhlala nezingeke zimdonsele amehlo abantu.
“Iningi labantu abamnyama bakhonze lezi eziyi-afro, bese kuthi ezinye izinhlanga ngizenzele ngalezi ezithambile ngoba zihambisana nezinwele zabo.
“Okwenza ngihlukanise ngokobuhlanga ukuthi izinwele zemvelo zabantu azifani, nakulezi zinhlanga ezinezinwele ezithambile kuyehluka ngoba kukhona abafuna ezilula ngoba bekhonze nokukubhukuda nezinwele.
“Ngiyazenza nabangakwazi ukuthi bazishintshe imibala ngoba ukudaya kuyadlisa,” kusho uPat.
Eqhuba uthe lezi zinwele uzixhuma ngeglue kodwa kuyenzeka azithungele ezinye ezibhanqa kahle nezemvelo bese ezicwala ezigunda isitayela esifunwa umuntu.
“Ziyahlala ekhanda kuze kuphele izinyanga eziyisithupha. Kodwa kunezikhathi okumele babuye bezozigeza ngazo.
“Abantu besilisa abaningi bayazithanda ngoba azihlukile kwezabo,” kusho uPat.
Ephetha uthe yize lezi zitayela zakhe sezidlisa futhi abantu abaningi bethathekile kodwa kuyamphoxa ukuthi kukhona abagxekayo bathi zifana namawigi abesifazane.
“Akuwona amawigi ngoba awuzikhumuli ekhanda, ulala nazo uvuke nazo. Kungiphatha kabi ukubona abantu esebebhala into ekungeyona.
Kodwa ngobuye ngiduduzeke uma sengithola namakhasimende akwezinye izifundazwe nasuka ngisho eThekwini,” kusho uPat.
Lezi zinwele zakhe ziqala kuR800 uma umuntu ezovala indawo encane engasamili zinwele, bese ukuvala impandla kona kuqala kuR1 500 kuyaphezulu.