SIZOPHUMA ngoLwesihlanu isinqumo sokuthi umfundisi webandla i-Enlightened Christian Gathering (ECG), uShepherd Bushiri nonkosikazi wakhe uMary, bayanikezwa noma cha ibheyili.
Izolo laba abasolwa ngokukhwabanisa imali engaphezu kukaR106 million bavele nabanye abasolwa nabo, uMnuz Willah Mudolo, Nkk Zethu Mudolo noNksz Landiwe Sindani.
Laba bavele enkantolo yeMantshi ePitoli izolo befaka isicelo sebheyili.
Icala libe selihlehliselwa uLwesihlanu ukuze kuphume isinqumo ngesicelo sabo sebheyili.
Laba baboshwa ngeledlule.
Abazalwane abaseka laba bebengaphandle kwenkantolo becula, bephethe nezingqwembe ezibhalwe ukuthi bayabaseka noma beboshiwe.
Kwelinye icala elihlukile usomabhizinisi owayeyisikhulu esiphezulu enkampanini iBosasa, uMnuz Angelo Agrizzi, naye ufakelwe ngabameli bakhe, abaholwa nguMnuz Daniel Witz, isicelo sokudlulisa isinqumo sokumnwebela ibheyili enkantolo yaseGoli izolo.
Icala lihlehliselwe uLwesihlanu, nokulindeleke ukuba inkantolo ikhiphe isinqumo ngesicelo sakhe.
U-Agrizzi naye ungene esitokisini ngeledlule ngemva kokunqatshelwa ibheyili ngamacala enkohlakalo nokukhwabanisa.
Kuyimanje ulaliswe esibhedlela esizimele ngenxa yokugula emva kokungena ejele.
Ithimba labameli bakhe likhala ngokuthi ukumgcina esitokisini kungenza isimo sakhe sempilo sibe sibi kakhulu njengoba evele enezifo ezingamahlalakhona.