IXAKE abaningi indaba yowesilisa ongowomdabu waseBangladesh, kodwa umazisi wakhe uthi unguLebogang Ndlovu.
Umlisa ogamalakhe langempela nguFahim Kazi, uboshwe esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo ezama ukweqa kuleli ngoLwesithathu ebusuku.
Ubanjwa nje uMnyango wezaseKhaya usemkhankasweni wokukhuculula ubugebengu. Kutholakale ukuthi umlisa wayefake isicelo sokubhaca kuleli ngo-2015 kodwa sangaphumelela. Ngokusho kwakhe, ubezinze eKimberly, eNorthern Cape.
UNgqongqoshe Dkt Aaron Motsoaledi unxuse izakhamuzi zakuleli ukuthi zigcine kahle omazisi bazo, zingabadayiseli abantu abanemali.
“Silandele umkhondo, sathola ukuthi lo mazisi wenziwa kuphi futhi yimuphi umsebenzi onenkohlakalo owawenza. Lo msebenzi uyingxenye yabaqashwe ngelokhozi kwabenza ubugebengu. Yingakho kufanele kube khona oboshwayo ngokushesha,” kusho uMotsoaledi.
Imibiko iveza ukuthi ithimba lezigebengu lihlanganisa abangu-13 bokufika nabangu-13 bakuleli. Kuthiwa lisebenzela eGauteng, Limpopo, KwaZulu-Natal, Eastern Cape, Western Cape naseMpumalanga futhi lisebenzisana nabasebenzi boMnyango wezaseKhaya abakhohlakele.