NGEKE siyethule inkulumo yokuvula isiShayamthetho saKwaZulu Isilo samabandla, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, kulo nyaka.
Lokhu kungenxa yesimo sempilo seMbube esingesihle. Ngokujwayelekile, umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho sesifundazwe uba yizinsuku ezimbili.
Ngosuku lokuqala Ongangezwe, uyaye ethule inkulumo yokuvula isiShayamthetho, bese kuthi ngosuku olulandelayo kulalelwa inkulumo kandunankulu wesifundazwe, iState of the Province Address (Sopa).
Izolo usomlomo wesiShayamthetho uNksz Nontembeko Boyce, uveze ukuthi kulo nyaka umcimbi uzokuba usuku olulodwa ngenxa yokungaphili kweSilo.
“Besikade silokhu sihlela ukuba inkulumo yeSilo kanye nenkulumo kandunkulu kube umcimbi wezinsuku ezimbili. Kepha ngoLwesibili sithole incwadi esazisa ukuthi, ngenxa yomyalelo kadokotela, Isilo ngeke sikwazi ukwethula inkulumo yokuvula isiShayamthetho,” kusho uNksz Boyce, obekhuluma ngesikhathi kuqhubeka isithangami sabezindaba ebesibizelwe ukuzocacisa ngamalungiselelo alomcimbi.
Ongangezwe ungeniswe esibhedlela ngenyanga eyedlule, lapho ebelashelwa ukukhuphuka nokwehla kukashukela egunjini labagula kakhulu. UNksz Boyce uthe banokusebenzisana okuhle neSilo, wafisela Ongangezwe ukululama okusheshayo.
Uthe bathathe isinqumo sokuthi umcimbi, obekufanele uqale namhlanje ngenkulumo yeSilo, usale usuba usuku olulodwa.
UNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala, uzokwethula iSopa kusasa. UNksz Boyce uveze ukuthi umcimbi uzohanjelwa abantu abangu-50 kuphela ukuze kulandelwe imigomo ebekelwe ukulwa nokusabalala kobhubhane icorona.
Umcimbi ujwayele ukudla isifundazwe imali engekho ngaphezulu kukaR2.5 million, kepha kulo nyaka kuzosetshenziswa uR500 000 kuphela ukuwulungiselela. Lokhu kungenxa yokuncipha kwesibalo sabantu abazohambela umcimbi sisuka kwabangu-1 200 abebehambele eyangonyaka owedlule, siya ku-50.
Inkulumo kandunankulu izosakazwa kuzo zonke izinkundla zokuxhumana zesiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Inkulumo kaZikalala kulindeleke ukuthi icacise ngebanga eselihanjwe wuhulumeni wesifundazwe ukufeza izethembiso azenza enkulumweni yangonyaka odlule. Ununankulu uzophinde ethule nezinhlelo zikahulumeni wesifundazwe zakulo nyaka.