BAFUNA kwenziwe uphenyo olunzulu ngesigameko sokubulawa kwesiguli okuthiwa siklinywe ngesinye ebesiphazamisekile emqondweni sashona esibhedlela iNgwelezane.
Kuthiwa uMnuz Bhekuyise Langa (63) ubelaliswe kulesi sibhedlela ngoba engazizwa kahle emzimbeni ngesikhathi ehlaselwa yisiguli ebesilaliswe ngoba siphazamisekile emqondweni.
Kuvela ukuthi lesi siguli besifakwe ewodini labagulayo ngoba kuthiwa kusalindwe ukuthi kuqinisekiswe ukuthi asiphazamisekile yini ngokomqondo. Umthetho wezempilo uthi isiguli kudingeka sibhekwe ewodini elifanelekile amahora angu-72 ngaphambi kokuthi sidluliselwe ewodini labaphazamiseke ngokomqondo uma sekuqinisekisiwe lokho.
Umthombo ongaphakathi kulesi sibhedlela ongathandanga ukudalulwa uveze ukuthi lesi siguli besingaqali ukufika esibhedlela kanti bekwaziwa nokuthi siphazamisekile emqondweni.
Lo mthombo osebenza kulesi sibhela uthe abasebenzi sebefuna nokubhikisha ngoba sebeke babhalela umxazululi wezempilo ngoba befuna kulungiswe inkinga ababhekene nayo wangenelela, nabaphathi bathi isimo sizoshintsha kodwa sangashintsha. Uthe abahlengikazi bazama ukubamba isiguli kodwa bahluleka ngoba sasinamandla.
I-DA seyinike uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu umnqamulajuqu wezinsuku ezingu-60 ukuthi asungule uphenyo bese ezobika ngemiphumela yalo phambi kwekomiti lezempilo.
UDkt Imran Keeka okhulumela i-DA kwezeMpilo, uthe bakhathazekile ngalesi sigameko.
Uthe yize kungumgomo ukulalisa isiguli esikhombisa izimpawu zokuphazamiseka egunjini labagulayo isikhathi esingamahora angu-72 kusuke kufanele kuqinisekiswe ukuphepha kweziguli nabasebenzi. Uthe akukhona okokuqala ukuthi kwenzeke isigameko esifana nalesi esikhungweni sezempilo eKZN - kuke kwenzeka esibhedlela sabaphazamisekile emqondweni eTown Hill eMgungundlovu eminyakeni emibili edlule, isiguli sabulawa ngesinye.
Uthe babhalele ungqongqoshe incwadi bemnxusa ukuthi aphenye ngokushesha ngalolu daba. “Siyakholwa ukuthi uma ephenya uzothola ukuthi kunenkinga yokushoda kwabasebenzi negebe elikhulu kwezokuphepha nokunomthelela omkhulu kulokhu okwenzekile,” kusho uDkt Keeka.
Uthe izinkinga zalo mnyango ziyekelwe isikhathi eside zingalungiswa ngesikhathi kusekhona owayengungqongqoshe uDkt Sibongiseni Dhlomo. UDkt Keeka uthe bayazi ukuthi kukhulu abhekene nakho ungqongqoshe omusha kodwa bafuna alusukumele lolu daba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala emuva kokuthi isiguli silinyazwe ngesinye sashona kulesi sibhedlela.
UNkk Simelane-Zulu uthe umnyango uyasiphenya lesi sigameko ukuze bathole ukuthi besingagwemeka yini.
“Isibhedlela siyaxoxisana nomndeni kamufi kanti futhi zenziwe izinhlelo zokweluleka ngokomqondo labo abebekhona ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Phezu kophenyo lwawo, umnyango uzosebenzisana ngokubambisana namaphoyisa nomndeni kamufi ukubhekana nalolu daba ngokuqhubeka kwesikhathi,” kusho uNkk Simelane-Zulu.