IMVULA enamandla ehlasele KwaZulu-Natal, kusuka ngenyanga eyedlule, isidlule nemiphefumulo yabangu-24. Lokhu kuvezwe wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, ngoLwesibili.
UNgqongqoshe womnyango, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe ngokombiko abanawo wakamumva, isifundazwe sesilahlekelwe ngabantu abangu-24.
“Abangu-18 kulaba, baminzile kanti abayisithupha bashawe wumbani. Oyedwa wabo namanje akakatholakali,” kusho uHlomuka.
UHlomuka uthe zingu-205 izehlakalo zesimo sezulu esingesihle ezibikwe. Uthe phakathi kwalezi zehlakalo bekubikwa umoya onamandla, ukuduma kwezulu, imvula enamandla, ukuwa kwezindlu nokuminza kwabantu.
Uthe kulezi zigameko, balinganiselwa ku-10 900 abantu abakhahlamezekile. Uthe laba bantu bahlala emakhaya awu-2 068 kanti awu-700 awo, iphelile indaba yawo.
“Okwamanje lilinganiselwa kuR3.2 million inani lomonakalo odalekile. Amathimba ezinhlekelele awakaqedi ukubheka umonakalo odalekile, asematasa nalowo msebenzi kwabanye omasipala.
Uthe bakulindele ukuthi lesi sibalo senyuke njengoba kuphinde kwaba khona enye imvula enamandla ngempelasonto edlule.
Uthe bayanxuswa abantu ukuthi baqhubeke nokuqaphela ukushintsha kwesimo sezulu njengoba kusalindeleke ukuthi imvula iqhubeke.
Khonamanjalo; umndeni womfana oneminyaka ewu-15, uThandolwenkosi Dlamini waseGumatane, eMzimkhulu, ukhala ngokuthi namanje akakatholakali emva kokuminza emfuleni uMzimkhulu, ngoLwesihlanu olwedlule.
Umalumekazi wakhe, uNkk Thembekile Shezi, utshele Isolezwe ukuthi uThandolwenkosi wahamba ekhaya eyowasha izingubo zakhe emfuleni.
Uthe wayehamba nezinye izingane zasemndenini ezinhlanu nokwathi uma beqeda ukuwasha, bakhetha ukuthi bazipholise ngokubhukuda emfuleni okuthiwa nawo udla izindwani ngenxa yemvula enamandla ene endaweni.
“Kuthiwa wagwiliza ngesikhathi esephakathi emanzini. Izingane awayenazo ngaleso sikhathi zaphuthuma ekhaya ziyosho. Amaphoyisa abikelwa khona lapho, afika athatha izitatimende, ahamba” kusho uNkk Shezi.
Uthe ngoMgqibelo owedlule, bavukela khona emfuleni ngethemba lokuthi abatshuzi bazoqala bamcinge uThandolwenkosi kodwa lokho akwenzekanga.
“Basitshela ukuthi kuzodingeka ibhanoyi elinophephela emhlane. Selokhu salinda lokho ukuthi babuye nalo kodwa abakaze babuye. Silokhu sikanise kulo mfula ngethemba lokuthi mhlawumbe isidumbu sakhe sizoziqhamukela kodwa, namanje kasiveli,” kusho uNkk Shezi.
Uthe bajabhile ngendlela abatshuzi abalusingethe ngayo udaba lokubheka uThandolwenkosi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe bangakuqinisekisa ukuthi amaphoyisa angabatshuzi asambheka umfana oneminyaka engu-15 ominze emfuleni uMzimkhulu, ngoLwesihlanu.