UMSUNGULI weMuvhango, okulindeleke ukuthi kuqale isizini yayo ka-20 ngoJanuwari, uDuma Ndlovu (osesithombeni), uthe abantu abamnyama esikhundleni sokwesekana babheka amaphutha okucekelana phansi.
UNdlovu, owaqala iMuvhango ngo-1997, uthe kusukela umdlalo waqala ziningi izingqinamba asebedlule kuzo. NgoJanuwari 9 lo mdlalo okhonjiswa kuSABC 2 ngo-9 ebusuku ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, uzobe uqala isizini yawo ka-20.
“Sibe nohambo olunzima abantu besibheka ukuthi yini embi esiyenzayo ukuze siqumbeke phansi. Uma umuntu omnyama kukhona into enhle ayenzayo sibheka amaphutha simcekele phansi,” kusho uNdlovu.
Uthe ngesikhathi eqala iMuvhango, iSABC yayifuna izinhlelo ezikhuluma ngamasiko abantu abamnyama.
“Kwaba yinkinga ngoba abantu babengajwayele ukuzibona ngale ndlela kwithelevishini. Ngenhlanhla kaNkulunkulu yadlondlobala kwaba nesasasa ngendlela engakaze ibonakale. Ngaleso sikhathi abantu babekhonze iBold and the Beautiful. Babethethisa ngisho umshayeli wetekisi bethi bazofika ngemuva kwesikhathi. Thina sasidlala ngo-7.30 ngoMsombuluko,” kuchaza uNdlovu.
Uthe kwakunabanye ababethi umdlalo uzophela ngemuva kweziqephu ezintathu kodwa ngenxa yokwesekwa, ngemuva kweminyaka emine iSABC yanquma ukuthi badlale izinsuku ezimbili ngeSonto.
UNdlovu uthe uzimisele ngokukhulisa umdlalo asungule neminye.
“Sisungule imidlalo emithathu. UZalo lunababukeli abangu-10 million, iMuvhango iko-5.5 million kuthi iMbewu ibe ko-3.5 million. Kusho ukuthi ngosuku abantu abangu-18 million babuka imidlalo eqalwe yimi. Okwami ukuqeqesha abalingisi abasha futhi ngeke ngime njengoba nale eminye imidlalo isiphethwe ngabantu abasha. Nami ngaqala ngimncane futhi ngiyakholelwa kubantu abasha,” kusho uNdlovu.