UBHALE incwadi efundisa ngedlozi owesifazane oyisangoma esihlola ngoWhatsApp nange-email.
UNkk Nontobeko Gabuza (35) waKwaGezubuso eMgungundlovu, ukhiphe incwadi esihloko sithi Yimi Nawe Thongo Lami, athi ngayo ufuna ukuqeda nezinkolelo eziyize ngobungoma.
Ubuye abe nengosi efundisa ngamasiko ohlelweni iCulture Shock ngoLwesine kwiVuma FM.
“NgoNovemba kulo nyaka ngizobe ngihlanganisa iminyaka engu-11 ngiyisangoma. Obami ubungoma buhlukile ngoba angizange ngithwase kodwa kunomama uMaMtolo Zondi obengichushisa engikhulisa. Bengi-bikelwa amadlozi efika ngomyalezo ngokumele ngikwenze nendlela yokuthaka imithi,” echaza.
Uthe okwenze abhale le ncwadi ukuthi namanje kusekhona abantu abanolwazi olungaqondile ngobungoma. Uveze nokuthi ngisho ohlelweni lwakhe uthanda ukufundisa kakhulu intsha ngamasiko ngoba baningi abasenkingeni ngenxa yokuphambanisa amasiko.
“Ubungoma busabukelwa phansi futhi bumataniswa nezinto ezibhedayo. Namanje abantu bayamangala uma bebona ngifake izinkophe futhi ngiziphophothile ngoba bazi ukuthi izangoma omangcola. Uma ngikhuluma isiNgisi bayamangala ngoba ubungoma bumataniswa nokungafundi. Kubi ukuthi abantu bayavuma ukuthi bayaya kumaPsychologist kodwa bakubona kuyihlazo ukuya esangomeni.”
UNkk Gabuza uthe unesigodlo lapho ehlola khona kodwa zikhona nezindlela zesimanje azisebenzisayo. Uthe uhlola nge-email nangoWhatsApp futhi abantu bayakujabulela lokho. Uveze ukuthi akudingi nokuthi azi igama lomuntu kodwa umtshela izindaba zakhe esambingelela nje kuWhatsApp. Mayelana nokuthwasisa uthe wenza ngendlela ehlukile ngoba usebenza ngabathandazi abafuna ukunyuselwa isithunywa.
Uthe kuyamkhathaza ukuthi abantu bacabanga ukuthi izangoma azikholelwa kuNkulunkulu kanti yena akawuqali umsebenzi engathandazanga. Uveze ukuthi uyilungu lebandla lamaKhatholika futhi uyaya ngisho esontweni, nebandla alinankinga nobungoma bakhe. Uthe uyise waqala waba yisangoma wabuye waba ngumfundisi eZayoni.
UNkk Gabuza uthe incwadi isiyatholakala ezitolo futhi uhlele ukuba nomzungezo wokukhuluma ngayo, ayethule nakwezinye izindawo. Kulo mzungezo kuzoba nezithangami zokufundisa ngalokhu akubhalile. Uthe wakhulela eMpophomeni ngaseMgungundlovu, wenza * -matric esikoleni samantombazane iRussell High. Wenze izifundo zeHotel and Resort Management eDamelin. Ubuye wenza nezifundo zokucwala ubuso. Wabuye wakhethwa yiPMB Chamber of Business ukuthuthukisa ikhono kwezamabhizinisi, waphinde wacijwa kulo mkhakha kwaHullets.