INKANTOLO eNkulu yaseThekwini izonquma ngekusasa lowesilisa othweswe amacala ayisikhombisa okukhona kuwona awokudlwengula izingane zakhe ezimbili nokubulala unina wazo.
IJaji elibambile uKevin Gounden kulindeleke ukuthi lahlulele emacaleni uMbuso owathwese ummangalelwa.
Bekulindeleke ukuthi uGounden asikhiphe ngesonto eledlule isinqumo kodwa wase ekuhlehlisa uMsombuluko ekhala ngokuthi akakulungeli ukwahlulela.
Ummangalelwa uthweswe amacala amane okudlwengula, elokubulala, elokuzama ukubulala nelokushaya. Ugcinwe ezitokisini njengoba anqatshelwa ibheyili.
Ababeyizinqandamathe kuthiwa baqala ukuhlala ndawonye eMlaza ngo-2009, bafudukela KwaNyuswa ngo-2016. Laba ababili bebenezingane ezintathu.
Kuvela ukuthi phakathi konyaka u-2014 no-2016, ngesikhathi umndeni usahlala eMlaza, ummangalelwa wayejwayele ukuya kwenye yezingane zakhe eyintombazane ngesikhathi igeza.
Usolwa ngokufike akhuhle umphambili wakhe esithweni sayo sangasese ayesithinta nangeminwe yakhe.
Kubikwa ukuthi umufi (unina wezingane) wayesuke engekho ekhaya ngalezo zinsuku.
Nangesikhathi sebehlala KwaNyuswa, kusolakala ukuthi wayesenza isikhathi sokuthi abe yedwa nengane (umgilwa) aqhubeke nemigilingwane yakhe.
“Baya ngokuba muncu ubudlelwano phakathi kwalezi zithandani ngokuhamba kwesikhathi, okwakudalwa indlela ummangalelwa ayesesondelene kakhulu ngayo nomgilwa. Ummangalelwa usolwa ngokuthi wayesemshaya futhi emthuka umufi,” kusho uMbuso.
UMbuso, oholwa u-Advocate Thabani Buthelezi, usola ummangalelwa ukuthi ngoMeyi 10, 2022, ukuthi waqhasabula ngezimpama umgilwa emsola ngokubuya emuva kwesikhathi emsebenzini emsola ngokuthi kade esesokeni.
Phakathi kwamabili ngoMeyi 11, 2022, kusolakala ukuthi ummangalelwa wayenga umufi ngokuthi ambizele ehlathini elingaphandle komuzi wabo, lapho afike amshaya khona ngokuthile amahlandla amaningi wagcina eshona.
“Emuva kwalokho, wabaleka endaweni yesigameko, wabizela ngaphandle enye yamadodakazi akhe waya nayo ehlathini lapho afike wayidlwengula khona. Emuva kwalokho wayishaya, wakhipha ummese wazama ukuyigwazwa kodwa wehluleka. Indodakazi yaphunyuka yase ibalekela endlini,” kuchaza uMbuso.
Kuthiwa isidumbu sikamufi sacingwa satholakala ehlathini, lapho ummangalelwa wayengasabonwa nangalukhalo. Kubikwa ukuthi ummangalelwa wagcina etholakele wabe esekhalelwa amasongo kaSigonyela.