SIYAVEVA isizwe sakwaButhelezi eMahlabathini ngokusatshalaliswa kwamanga okuthi uMntwana waKwaPhindangene uzoshadelwa umzukulu wowayengumholi we-ANCYL wokuqala, u-Anton Lembede, kwaze kwafakwa nesithombe sakhe benayo le ntokazi ekhasini elikuFacebook iLadies House.
UMntwana usanda kushiywa uNdlunkulu wakhe u-Irene MaMzila Buthelezi abeseshade naye iminyaka engaphezulu kuka-60.
Izolo kunowesifazane ozibiza ngoNomasonto Queeneth ekhasini elikuFacebook iLadies House obehalalisela intokazi esencane abefake isithombe sayo inoShenge ethi ziyawushaya maduze kubona.
Ibamba bukhosi lakwaButhelezi, uMnuz Mpikayise Buthelezi, litshele Isolezwe ukuthi indlela abathukuthele ngayo ayichazeki ngoba laba bantu basabalalise isithombe nezinto ezingamanga ngoButhelezi.
“Hhawu hhawu kanti bakithi kulo Facebook kufakwa yonke into? Uyazi amanga aluhlaza lawa. Leyo ntombazane yafika KwaHlabisa uMntwana esezohamba siqeda ukudla yambingelela kahle nje. Akukho nokwakukhombisa ukuthi baxoxa ezothando. Kanti abantu banjani bakithi, sebevele behlise umuntu isithunzi ngaleyo ndlela? Manje lo Facebook uwuthathela kanjani izinyathelo uma kunje ngoba phela ukwedelela lokhu abakwenze kuMntwana. Ngicela inkulumo yami ungayihlanekezeli ngoba sithukuthele impela nje ngale nto eyenzekile. Okokuqala uMntwana ungumuntu ozihlonipha kabi uma kuza kubantu besifazane ngakho asiqondi ukuthi ngempela laba abenze le nto bayenze ngaliphi. Ngisazokhuluma noMntwana ngale nto ngoba isiphethe kabi. Ngiyafisa impela ukucacise ukuthi siyisizwe sakwaButhelezi sithukuthele sigane unwabu ukuba kungehliswa uMntwana isithunzi kanje,” kuchaza uButhelezi oyibamba bukhosi esihlalweni sikaMntwana.
Kulesi sithombe uMntwana waKwaPhindangene ubonakala ekhulumela eduze kule ntokazi elingafakwanga igama layo kodwa ebihlobe ngebhayi elinobuso bukaMswati wesithathu.
Obefake isithombe, uNomasonto Queeneth, ubesebhala imibhalo ebikhombisa ukuthi kungenzeka uMntwana waKwaPhindangene agcagcelwe maduze njengoba esanda kushiywa uNdlunkulu.
Ubesebhala ukuthi: “Indoda ayigugi zizowushaya kuShenge maduze. Imali ayiluthezi olumanzi, wena mnaks ubungaliyeka leli thuba,” kusho umbhalo kaNomasonto kwiLadies House.
UMntwana uPhumzile, oyindodakazi endala kaButhelezi, uthe ibacasulile le nto ngoba le ntombazane yalethwa omunye wabaholi be-IFP Womens Brigade, uNkk Molly Mngadi kuMntwana izomchazela ukuthi ingumzukulu ka-Anton Lembede futhi isijoyine i-IFP.
Uthe ngalolo suku kwakuwumcimbi wokulungiselela uMkhosi weLembe.
“UMntwana waze waxoxa nayo eyichazela ngomlando kaLembede esho nokuthi wayemfundisa, wachaza nangomlando wakhe esafunda eFort Hare. Le ngane yayihambe incoma indlela uMntwana akhumbula ngayo izinto, ithi usakhumbula konke okwakudala esamusha. Ngakho le nto iyacika ngoba sebefuna ukuhambe bemthuka njengoba behlale benza kuze kube sengathi akukho okuhle asake wakwenza emhlabeni. Lesi sithombe esizungezayo sathathwa phambi kwami ngiseduze kwayo le ntombazane isakhuluma noMntwana,” kusho uMntwana uPhumzile.