UYAVEVA umzali wengane eneminyaka eyisikhombisa yesikole saseMlaza, iSandakahle Primary okuthiwa ishaywe uthisha yaba midwa yidwa.
Unina omkhulu wengane ogama layo ligodliwe, efunda uGrade 1 kulesi sikole esikwaV, uthe baphatheke kabi ngesimo efike ikusona ekhaya ngoLwesibli ibuya esikoleni.
Uthe ingane ibonwe ngunina oyizalayo ngesikhathi eyikhumula umfaniswano wesikole.
“Ingane ibinemivimbo emhlane, engalweni nasezimbanjeni kubonakala ukuthi ibishaywa. Asiyivuni futhi asisho ukuthi ayigangi kodwa lokho akusho ukuthi kufanele ishaywe kanjena. Sixakwa wukuthi bakuvumela kanjani lokhu esikoleni ngoba umthetho awukuvumeli ukushaywa kwezingane. Njengoba eseqalile eshaya ingane kuqala unyaka uyophela injani,” kusho unina omkhulu wengane.
Uthe okunye okubakhathazayo wukuthi kungenzeka ukuthi akuyona ingane yabo kuphela eshayiwe kodwa mhlawumbe lokhu kuyenzeka nakwezinye.
Uthe bafisa sengathi umnyango ungangenelela uvikele izingane ekuhlukunyezweni ezikoleni.
Izibalo zabakwaStats SA zangaphambilini ziveza ukuthi iningi lezingane ezifunda ezikoleni zakuleli ziyashaywa ezikoleni. Isifundazwe iKwaZulu-Natal sikwezihamba phambili ekushayweni kwezingane njengoba kuvele ukuthi zingu-10.1% izehlakalo zokushaywa kwezingane ezikoleni.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe imigomo yomnyango ithi akuvumelekile ukushaywa kwezingane.
“Abazali kufanele basibike lesi sigameko eMnyangweni wezeMfundo. Uma kuqinisekiswa ukuthi lezi zinsolo ziyiqiniso sizothatha izinyathelo zokuqondisa ubugwegwe,” kusho uMahlambi.