ABAZIBONI benza eminye imisebenzi abaziphilisa ngokwenza ama-video enkundleni yokuxhumana iYouTube.
Sekujwayelekile kubantu abasha ukuthi bavule iziteshi zabo ezikhuluma ngezihloko ezahlukene kwiYouTube. Isolezwe lixoxe nabathi imali abayithola kwiYouTube iyabanelisa kangangoba sebegxile ekutheni benze ama-video.
UMduduzi ‘Dawud’ Phungula (26) waseNtshangwe weDawud TV ZA owenza ama-video akhuluma ngezindaba zomaskanda nezinye zosaziwayo uthi emuva kokwenza izifundo zakhe zobuntatheli eDurban University of Technology (DUT) wathatha isinqumo sokuthi agxile ekwenzeni ama-video kaYouTube ukuze enze imali.
Uthe uyakukhuthaza ukuthi abantu baqale izinto zabo ukuze bangalindi ukukhangeza ukuze baziphilise.
“Kubalulekile ukuthi uma uvula i-channel yakho, ubheke into abantu abazoyithanda ngawe, ungakopeli omunye umuntu. Kungenzeka abantu bathande ubuwena futhi kubalulekile ukuthi wenze kangcono kunabanye abakhuluma ngesihloko esifana nesakho,” kubeka uMduduzi.
Uthe waqala ekhuluma ngezindaba zosaziwayo ezenza ngesiNgisi. Emva kokuthi isiteshi sakhe sivalwe yiYouTube, uqale isiteshi esisha esikhuluma ngezindaba zomaskanda ngoba wabona ukuthi abekho baningi abantu abakhuluma ngomaskanda futhi abakwenza ngolimi lwesiZulu.
Uqhube wathi kubalulekile ukuthi ube nothando nentshisekelo entweni oyenzayo ngoba uzosheshe ukhathale uma uzokwenza ngenhloso yokwenza imali.
“Angeke ufake ama-video kuleli viki bese ngelilandelayo uyahola. Abanye kubathatha iminyaka kanti uma unenhlanhla izinto zakho ziyashesha. Okubalulekile ukuheha abalandeli abaningi. Uhola ngokuthi ube nababukeli abaningi. Ungaba nabalandeli abaningi kodwa uma ama-video akho engabukwa awuyenzi imali eningi,” kulandisa uMduduzi.
UThandokwakhe Mseleku (22) waseMgababa wesiteshi esaziwa ngoThando Comedy kuYouTube, okuyisiteshi samahlaya, uthe wenza lo msebenzi kuphela.
Uthe waqala isiteshi sakhe ngonyaka odlule ekupheleni kukaMashi ngenkathi kunomvalelandlini.
“Ngaqala ngokufaka i-video kuTikTok (enye yezinkundla zokuxhumana) ngithi ngiyazigangela ngichitha isizungu.”
Ucebise intsha enethalente ukuba ingazirobhi ivule nayo amaYouTube channel ngoba imali ikhona.
“Ngijabule kabi ngemali engiyenza kuYouTube. Ngithole nethuba lokuhlangana nabanye abenza umsebenzi ofanayo futhi siyahlangana siqophe ama-video ukuze sikhulisane,” kuchaza uThandokwakhe.
UMnuz Siphelele Cele (25) waKwaNdengezi nosezinze eGoli uthe ufisa engabe washeshe wasiyeka isikole ngoba iYouTube isumvulele amathuba amaningi okuthi asebenze nezinkampani ezinkulu.
USiphelele waqala enza ama-video akuFacebook nakuTwitter ngo-2017, ethi uzama ukuthola intombi agcina engayitholanga kodwa kwakheka iSkits bySphe agcina esefaka ama-video kuYouTube ngenxa yokuthi abantu babewuthakasela umsebenzi wakhe.
Uthi wacela kubazali bakhe ukuthi ayeke ukufunda ngoba ebona ukuthi le nto iyamsebenzela.
“Ngathi nje abangiphe unyaka owodwa uma ngihluleka ngizophindela esikoleni ngiyoqhubeka nezifundo zamakhompyutha,” kulandisa uSiphelele.
Uthe abanye abantu ababa kuma-video akhe uyabasiza ukuthi baqale iziteshi zabo ukuze nabo bazenzele imali.
Ngesonto eledlule isilomo sentokazi ethandwa ngabaningi uMihlali Ndamase osebenzisa izinkundla zokuxhumana ukumaketha umsebenzi wakhe wokuzicwala, ubalwe njengomunye wabantu abaneminyaka engaphansi kuka-30 abenza kahle yiphephabhuku i-Africa Forbes.
UMihlali uqale enza ama-video afundisa ukuzicwala kwiYoutube nokuyilapho izinkampani ezinkulu zilibone khona ikhono lakhe.