UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo, ukhuthaze abahlengikazi ukuthi beziphathe kahle iziguli.
Lokhu ukusho ngenkathi amukela abahlengikazi abangu-78 abaqashiwe eKZN Children’s Hospital eThekwini, ngoMsombuluko.
Laba bangabanye babahlengikazi abaqeqeshelwa ubuhlengikazi kodwa bangawuthola umsebenzi.
Bazosebenza ngaphansi kophiko iMaternal, Adolescent and Child Health (Match) ezikhungweni zezempilo ngaphansi kwezifunda iHarry Gwala, eThekwini noMsunduzi.
UDhlomo ubongele laba bahlengikazi ngokuqashwa kwabo.
“Siyababongela abahlengikazi abathole leli thuba lokuzolekelela ezikhungweni zezempilo, ikakhulukazi emitholampilo njengoba sinenselelo yokushoda kwabahlengikazi. Siyathemba bazowuhlonipha umsebenzi futhi bahloniphe neziguli abazobe bezisiza,” kusho uDhlomo.
Uthe laba bahlengikazi batonyulwe kwabalinganiselwa ku-12 000 abangaqashiwe abaqeqeshwe emakolishi azimele.
“UMnyango wezeMpilo ubhekene nenselelo ngoba lawo makolishi akhiqiza abahlengikazi abaningi abagcina behleli emakhaya ngenxa yokuntuleka kwamathuba emisebenzi,” kusho uDlomo.
UMqondisi weMatch, uDkt Arthi Ramkissoon, uthe uyathemba bazosebenzisana kahle nabahlengikazi abaqashiwe.
“Ngiyakuthokozela ukuqashwa kwabo. Ngiyakuncoma ukuqokwa kwabo ngoba kuzoshintsha impilo yabo,” kusho uDkt Ramkissoon.
Omunye wabahlengikazi abaqashiwe uMnuz Sandile Ngcobo ubonge ithuba lokuqashwa ngemuva kwesikhathi eside engasebenzi.
“Ngaphothula izifundo zobuhlengikazi ngo- 2014, bengingakaze ngisebenze kuze kube imanje. Ngiyabonga kakhulu kuMnyango wezeMpilo noMatch ngaleli thuba eliyingqayizivele.” kusho uNgcobo.
Laba bahlengkazi bazosayina inkontileka yokusebenza okulindeleke ukuthi iphele ngo-2020. Lokhu kuqashwa kwabo kuthathwa njengesinyathelo sokuzama ukushintsha impilo yabo njengoba sebezokwazi ukondla imindeni.