UMNDENI wesalukazi esibulewe ngesonto eledlule eShongweni Dam, eThekwini ujabulile ngokuboshwa komunye womakhelwane abasolwayo.
UNkk Esther Magwaza (88), okuthiwa ubenesifo sabadala sokuhamba komqondo, wabulawa entathakusa yangoMsombuluko odlule emuva kokubonakala ethwabaza emzini wakwamakhelwane. Kuboshwe oyedwa oyilungu lomndeni osolwayo, izolo ovele eNkantolo yeMantshi ePinetown. Kuthiwa umufi wayesolwa ngokuthakatha ngoba wabonakala ezintathakusa emzini wabantu.
Okhulumela umndeni, uNkk Neli Ntaka, oyindodakazi kamufi, uthe bayajabula ukuthi kukhona oseboshiwe. Uthe kakukho abazokukhuluma nomakhelwane abebekhona izolo enkantolo, sebefuna inkantolo kube yiyona ezokwenza ubulungiswa ukulwela umufi ongasakwazi ukuzikhulumela. Uveze ukuthi unina bamngcwabe ngoMgqibelo, kusenzima emndenini ukubhekana nesimo ngenxa yesihluku abulawe ngaso.
“Ngokomphumela wokuhlolwa kwesidumbu, kuvele ukuthi washaywa ngezinto ezisindayo, esingazi ukuthi kwakuyini. Walimala kanzima njengoba kwakulenga umhlathi, walimala nasenhlafunweni.”
Izolo enkantolo umndeni ubuphelezelwa ngamalungu omphakathi, abephethe izingqwembe ezibhalwe amagama kamufi. Ukubulawa kukaNkk Magwaza, obenguMbhishobhikazi eNew Light Salem Church, kucasule nomphakathi njengoba kuthiwa ubaziwa ukuthi uhanjelwa wumqondo.
Ngosuku lwesigameko kuthiwa wavuka ngezithuba zabo-2 entakathusa, wathwayiza wayongena emzini wakwamakhelwane. Kuthiwa ubenawo umkhuba wokuvuka azihambele, obesekwenza ukuthi ahlale egadiwe.
UNkk Ntaka uthe umufi ubenezinyanga ezimbili efike eShongweni Dam esuka eNdwedwe.
Okhulumela amaphoyisa eKZN uCol Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-22 kuleli cala. Kubikwa ukuthi umsolwa uboshwe ngoLwesine olwedlule, usazogqunywa esitokisini. Kulindeleke ukuthi ayofaka isicelo sebheyili ngoDisemba 19.