UHLEZI lubhojozi umphakathi wasemijondolo ekuPalmiet Road, eClare Estate emuva kokubulawa kwabantu abayisishiyagalolunye, okukhona kubona nezingane ezimbili, abadutshulwe emakhanda ngamadoda angaziwa .
Amalungu omphakathi akhulume neSolezwe, athe ayesaba nokuthi kushicilelwe amagama awo ephephandabeni ngoba amadoda abeqhumisa izibhamu ebememeza ethi siyabuya.
Aveze ukuthi izibhamu ziqale ukuqhuma ngabo 10 ebusuku ngoMgqibelo zaze zathula ngabo 12 sekuzosa kube yiSonto.
“Kunamadoda amabili abeqhumisa izibhamu. Asiwabonanga kahle ngoba bekuyisebusuku kodwa ebememeza ethi siyabuya. Asisheshanga ukuphuma ezindlini ngoba besisaba. Size saphuma sezithule izibhamu. Sithole ukuthi ezansi kudutshulwe abantu abayisithupha okukhona kubo nezingane ezimbili,” kusho ilungu lomphakathi.
Elinye liveze ukuthi emijondolo engaphezulu kudutshulwe abantu abathathu. Kubona kukhona izithandani nowesilisa oyedwa.
“Asazi ukuthi sizothi bekwenzenjani ngoba abantu badutshulwe besezindlini zabo. Abadutshulwanga endaweni eyodwa. Sithukile kakhulu, siyacela amaphoyisa eluphenyisise lolu daba. Siyacela bandla Isolezwe lingawabhali amagama ethu ngoba siyasaba ukuthi ababulali bazosibulala nathi,” kusho elinye ilungu lomphakathi.
Abashonile ngoSiyanda Ncedani (40), Hombakazi Baliso (30), Clifford Moyo (37), Nowinter (23),Thandolwethu Mathangana (5), Yanga Mathangana (9), Fikiswa Shomela (35),owesilisa obizwa ngoPatchaPatcha (40) noSphelele Maphisa (25).
Izihlobo zabashonile zithe zisadidekile ngokubulawa kwabo ngoba bavela ezindaweni ezihlukene futhi abakaze bathi banezitha.
Kwabashonile kukhona abaseZimbabwe, Msinga naKuNtabankulu.
UNksz Phumza Mathangana ongubabekazi kaThandolwethu noYanga uthe uvuswe wudadewabo ngabo-10.05 ebusuku emtshela ukuthi izingane zidutshuliwe.
“Udadewethu uthi ubesaye esitolo ngesikhathi kuqhuma isibhamu. Uphuthume endlini wafica izingane zidutshuliwe. Asazi ngempela ukuthi zidutshulwe wubani noma bekwenzenjani,” kusho uNksz Mathangana.
UMnuz Jacob Chumo, ongumfowabo kaClifford Moyo, uthe bazolinda uphenyo lwamaphoyisa ngoba abazi ukuthi bekwenzenjani kuze kubulawa umfowabo.
“Umfowethu nabangani bakhe badutshulwe bezihlalele endlini. Asazi ukuthi bekwenzenjani ngoba asihlali nalana. Sizolinda uphenyo lwamaphoyisa. Ngisazofonela ekhaya (eZimbabwe) ngibabikele ngalesi simo,” kusho uMoyo.
UMnuz Vincent Maphisa ongumfowabo kaSiphelele Maphisa ethintwa ubematasa namaphoyisa kodwa wathi akayazi imbangela yokubulawa komfowabo ngoba ubezisebenzela engahluphi muntu. Ubesebenza ngogesi.
Okhulumela amaphoyisa u-Col Thembeka Mbele uthe bonke abashonile bebenamanxeba okudutshulwa ekhanda kanti kutholakale amagobolondo ezinhlamvu ze-9mm endaweni yesigameko.
“Amaphoyisa aseSydenham athole ukuthi kube nokuhilizisana phakathi kwezithandani ebezisendlini yokuqala. Amadoda bekungawaseZimbabwe, abesifazane kungabakuleli. Uma ebuza umphakathi awatholanga imininingwane eminingi ngaphandle kokuthi kusolwa amadoda amabili ngokudubula. Amaphoyisa aseSydenham aphenya amacala okubulala, uphenyo luyaqhubeka,” kusho uCol Mbele.