UDUMELE umndeni wephoyisa laseNtuzuma obekusolwa ukuthi lidutshulwe labulawa yintombi yalo emqashweni ebelihlala kuwo nalo ingaveli enkantolo intombi kuthiwa ubufakazi abenele.
Umndeni kaConstable Siyabonga Charles Sokhela (29), obesebenza esiteshini samaphoyisa eNtuzuma, udumele ngesikhathi icala lingangeni enkantolo yeMantshi ePinetown ngoMsombuluko.
UConstable Sokhela bekusolwa ukuthi udutshulwe yintombi yakhe eyiphoyisa likaMasipala eThekwini bebanga ukuthi uye kubangani bakhe ekubeni yona ikade ingafuni.
Unina kamufi, uNkk Thandazile Tembe, uthe badumele kakhulu ngokuthi umsolwa angaveli enkantolo kuthiwa ubufakazi abenele.
“Angazi ukuthi yibuphi ubufakazi obufunekayo ngoba izibhamu zikhona, nomsolwa wazivumela yena emaphoyiseni ngesikhathi eboshwa. Izithombe zathathwa endlini kwathathwa nezinsalela zeminwe. Yibuphi obunye ubufakazi obudingekayo kanti? Bengihlale ngizwa ukuthi amaphoyisa ayavikelana, namhlanje ngizibonele,” kusho uNkk Tembe.
UMnuz Sontaga Siesa, okhulumela uphiko lwamacala athinta amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid), uthe bayaluphenya udaba lwamaphoyisa amabili athandanayo okusolwa ukuthi axabene KwaDabeka emqashweni wawo, elinye ladubula elinye.
“Kusolwa ukuthi iphoyisa lesifazane elisebenza ophikweni lwamaphoyisa kaMasipala weTheku lidubule isoka lalo. Leli phoyisa bekumele livele enkantolo ePinetown namhlanje (izolo) ngeshwa inkantolo ithe ubufakazi abenele, uphenyo luyaqhubeka,” kusho uSiesa.