UMCULI wekwaito, wodumo lwengoma ethi Kortes nethi Abantu Bami futhi ezingamhambeli kahle izinto kwezothando nasemculweni, uNomasonto “Mshoza” Maswanganyi, usefuna isixazululo nakubelaphi bendabuko.
Kumangale amalungu omphakathi waseMevamhlophe, eMpangeni, ngesikhathi uMshoza ethushuka emzini womthandazi odumile uThulani “Dr 3 Seconds” Nkwanyana, owayengumshayisibhakela. Akwaziwa ukuthi uyozelapha noma uyothwasa yini.
Omunye umthombo ongumakhelwane kaDr 3 Seconds kodwa ocele lingavezwa igama lawo, uthe uzibonele ngawakhe uMshoza efika emzini wale nyanga ngoLwesithathu. “Ulale khona ngoba ngimbone ngakusasa ephumela emnyango egqoke izingubo zokulala. Ngimbone sebehamba no-3 Seconds beyoguqa lapho ethandazela khona abantu,” kusho lo mthombo.
Omunye uthe umbonile uMshoza edolobheni laseMpangeni eqiqinge izimpahla. “Khona angimangalanga ngoba uDr 3 Seconds uhlale evakashelwa ngabantu abadumile ngisho nezikhulu zePhalamende. Kukhona omunye umholi we-ANC owayengapheli lapha. Ngisho abaculi bakamaskandi nabesicathamiya abapheli lapha bezofuna usizo. Ngisho sebezobonga siyababona,” kusho umthombo wokuqala.
Omunye umculi kamaskandi ukuqinisekisile ukuthi uficene noMshoza kwaDr 3 Seconds.
“Ngimgcine ezohamba izolo (esho ngoLwesine) kodwa ezobuya kahle ngesonto elizayo ezoqedela ukwelashwa,” kuphetha lo mculi osazizamela.
UMshoza ufike wahlukana nomyeni wakhe wokuqala uMnuz Jacob Mnisi abanezingane ezimbili naye. Kuthe kusenjalo waqhamuka esethandana nesiqumama saseBergville uMnuz Thuthukani “Thuthu” Mvula. Sekuyinto edume njengophuthu ukuthi uMshoza noMvula bahlukane kabuhlungu.
UMshoza ugcine esethandana nephoyisa lasesiteshini samaphoyisa eFree State, uConstable Thlabe Mbele.
Uke wabuyela emculweni ngenoni elishise izikhotha elithi Abantu Bami kodwa lolo dumo lwashabalalisa okwamazolo ebona ilanga.
Ethintwa uDr 3 Seconds uvele wabhoka ngolaka wathi usekhathele yizintatheli ezimphazamisa emsebenzini wakhe.
“Nangifunani ngempela? Ningiphazamiselani emsebenzini wami? Qhubekani nje, ngizonigqilaza.
"Anibhali uma ngisiza umphakathi nentsha kodwa niqhamuka seningibuza ngamakhasimede ami. Bhala ukuthi ngihlela indumezulu yomcimbi kamaskandi engizohlonipha kuyo izinkakha zalo mculo, hhayi oMshoza engingabazi,” washo uDr 3 Seconds maqede wavala ucingo.
Ethintwa uMshoza akaphikanga futhi akavumanga kodwa uthe akuxhunyanwe nomphathi wakhe uKeke Mokoena onxuse ukuba iphephandaba lingaluvezi lolu daba ngoba luzophazamisa okuyokwenziwa nguMshoza.
“Animyeke aqedele akuqalile ngoba le nto iyisiko,” kubhoka uKeke ngolaka.
Okuxakayo ukuthi uDr 3 Seconds noMnisi ngabangani abakhulu njengoba aze wayomethula naseSilweni.
Nasemcimbini kaMnisi owawuseGoli, uDr 3 Seconds nguye owayehola abaNtwana baseNdlunkulu.