SEKUQUBUKE imvunge ngesinyathelo senkampani ephehla amandla kagesi * -Eskom sokugixabeza obeyisikhulu esiphezulu uMnuz Brian Molefe ngo-R30million.
UMolefe, osanda kusula kwa-Eskom, useyilungu lePhalamende. Okhulumela ihhovisi loMvikeli woMphakathi * -Advocate Busisiwe Mkhwebane, uMnuz Oupa Segwale, uthe sebethole izimangalo ezimbili ezivela kwiDA neSanco zicela kuphenywe ngokunikezwa kukaMolefe le mali.
“Isinqumo sokuthi sizophenya noma cha besingakathathwa. Sisazicubungula izimangalo sibheke nokuthi ziyabambeka yini,” usho kanje.
Okhulumela iDA kwezezimali, uNkk Natasha Mazzone, uthe ukunikwa kukaMolefe imali kuveza ukuthi ixhashazwa kanjani imali yabakhokhi bentela. Uthe akukwazi ukuthi umuntu anganikezwa imali engaka ebe esebenze izinyanga ezingu-18 kuphela wathi bafuna uMolefe ayibuyisele emuva le mali.
Okhulumela iCosatu kuzwelonke, uMnuz Sizwe Pamla, uthe bazwile futhi bakhathazekile ngokuthi uMolefe unikezwe * -R30million yize kusamele ageze igama lakhe ngezinsolo zokuqhwagwa wumndeni wakwaGupta.
“Lo muntu kusamele aphendule ngeqhaza lakhe ekunikezweni komndeni wakwaGupta ithenda yezigidi kwa-Eskom,” kusho uPamla.
Okhulumela iCope kuzwelonke, uMnuz Dennis Bloem, uthe inhlangano yakhe ibhalele uNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni uNkk Lynne Brown imcela ukuba angenelele kulolu daba. “Kuyacaca ukuthi eqenjini elibusayo uyahlonyuliswa ngenkohlakalo,” kusho uBloem.