IZINHLANGANO ezingenzi nzuzo kwezemfundo nezinyunyana zothisha zisamukele ngo-elethu isimemezelo sikaNgqongqoshe weziMali, uMnuz Pravin Gordhan, sokuthi uzofaka * -R317million kwi-Early Childhood Development (ECD).
Kungokokuqala ngqa kulo nyaka ukuthi kube nemali ye-ECD. Izinhlangano ezingenzi nzuzo kwezemfundo nezinyunyana zothisha bezihlale zikhala ngokunganakwa kwayo kodwa ibe iyisisekelo semfundo.
Ethula isabelo sezimali ePhalamende eKapa kuleli sonto, uGordhan umemezele ukuthi imali ibihlelelwe khona lokhu kulo nyaka wezimali * -2017/2018 ukuze ifukule i-ECD nengqalasizinda.
“Eminyakeni emithathu ezayo imali izonyuka ibe ngu-R1.3billion,” kusho umbiko wezimali kaGordhan.
UNkk Leanne Jansen-Thomas, inhloko yemigomo kwi-Equal Education (EE) ukushayele ihlombe ukufakwa kwemali kwi-ECD wathi ngezinye zezinto ebebezilwela kakhulu.
Uthe yize izofakwa emnyangweni wezenhlalakahle yomphakathi kumele iqinisekise ukuthi ifinyelela ezikhungweni ezine-ECD.
Imali inikwa abasebenza ezinkulisa, kusho uNkk Jansen-Thomas.
Uthe bathemba ukuthi imali efakiwe izophucula imiholo yabasebenzi eqala ku-R1 400 ize ifinyelela ku-R2 000 kwabanye.
“Abasebenzi abanayo imihlomulo enjengama-medical aid, imihlomulo yokuthenga izindlu neminye ekhishwa nguhulumeni. Ucwaningo luyaveza ukuthi umfundi oqale emazingeni aphansi ikakhulu i-ECD wenza kahle kakhulu kwaGrade 1 namanye amabanga,” kusho uNkk Jansen-Thomas.
UMnuz Allen Thompson, oyiPhini likaMengameli weNatu, uthe bayakwamukela ukufakwa kwemali kwi-ECD ngoba ne-ANC yanquma ukuthi kumele kube yimpoqo ukuthi umfundi enze uPre Grade R ngaphambi kokuba enze uGrade R noGrade 1.
Uthe bafuna ukuthi i-ECD ifakwe ngaphansi komnyango wemfundo eyisisekelo ngoba yonke into eyithintayo ikhuluma ngemfundo.
“Uma ubheka, kusuka umfundi enonyaka ezelwe kuya esezoqala ukungena kwaGrade 1, i-ECD yonke leyo ngoba imfundo eyimpoqo iqala kwaGrade 1. Akuphuculwe izimo zokusebenza kubo bonke abasebenzi be-ECD ukuze izwe lithuthuke kwezemfundo ngoba wonke amazwe enza kahle kwezemfundo yingoba abeka phambili isisekelo semfundo,” kusho uThompson.
UNobhala weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe bayasamukela isabelo sezimali wathi banethemba lokuthi imali efakiwe izoqeda ngezikole zodaka.
Uthe bayakwamukela ukutshalwa kwemali kwi-ECD okuyisekelo sezemfundo.